XOLILE MPISANE
UTHINA Mbuli oqeqesha i-UWC akazimisele ngokuthi baphazamiseke emgqigqweni ababuye ngawo ekhefini leCovid-19 njengoba ngempelasonto bezoya emdlalweni wabo wesithathu kusukela kubuyiwe.
EzikaMbuli nezizinze seKapa, zizotholana phezulu neDurban Ladies eChatsworth Stadium ngo-1 emini.
Imidlalo yeHollywoodbets Super League imisiwe ngenyanga eyedlule iDurban Ladies isiza kahle ngomgqigqo wayo njengoba inqobe kwemine ilandelana futhi ihlohla amagoli amaningi.
I-UWC ibuye kahle ekhefini, idlala ngokulingana ngo 1-1 neMa-Indies ekuhambeni ngempelasonto edlule, ngaphambi kokubhaxabula iGolden Ladies ngo 6-0 ekhaya ngoLwesibili.
UMbuli uthe noma kubaphazamisile ukungadlali isikhathi esingaphezulu kwenyanga kodwa ugculisekile ngendlela ezakhe ezibuye ngayo kule midlalo emibili.
"Ukudlala uphinde ume kuyaziphazamisa izinhlelo enisuke ninazo kodwa siyajabula ukuthi isibuyile imidlalo ngoba kuba nzima kubadlali uma begcina ngokuzilolonga kodwa kube kungadlalwa," kusho uMbuli.
"Kukhona okuhle esikubonile kule midlalo esesiyidlalile, siyakwazi nalokho okusamele sikulungise."
I-UWC isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-24 emuva kwemidlalo engu-11, iDurban Ladies isendaweni yesishiyagalolunye njengoba isiqoqe amaphuzu angu-12.
UMbuli uthe akukuniningi abakwaziyo ngeDurban Ladies, balindele umdlalo onzima njengoba imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthi leli qembu seliyahlangana.
"Siyazi ukuthi iDurban Ladies ibiza kabi, imidlalo yabo emithathu yokugcina bayinqobe kalula. Kunzima kakhulu kule ligi yethu ngoba akulula ukuthola ulwazi ngeqembu enisuke nizodlala nalo," kuqhuba uMbuli.
"Engikwaziyo ukuthi banabadlali abaningi abasha kule sizini, nabaqeqeshi abasha futhi.
“Ngilindele ukuthi basinike inselelo ngenxa yalezi zizathu esengizibalile.
“Okumqoka ukuthi sizibheke thina silungisele umdlalo wangoMgqibelo ngoba singazithola sisenkingeni uma singakwenzi lokho."
Imidlalo yeHollywoodbets Super League kule mpelasonto
NgoMgqibelo: Ngo-1pm-Durban Ladies v UWC (Chatsworth Stadium). Ngo-3pm- Mamelodi Sundowns Ladies v Richmond United (Groenkloof Stadium); Bloemfontein Celtic Ladies v Coal City Wizards (Siwelele Park); First Touch v University of Johannesburg (Seshego Stadium); Golden Ladies v TUT (North West University), JVW v Tsunami Queens (Tsakane Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Ma-Indies Ladies v Thunderbirds Ladies (Giyani Stadium).