UMDLALI waphambili wamaBhokobhoko, uBongi Mbonambi, ukhombise ukuzwelana nozakwabo, uManie Libbok, osephenduke isitha sabalandeli baleli qembu kusukela egeje iphenathi yokuwina ngeledlule kwelase-Argentina.
Ompetha bomhlaba bebenethuba lokusonga isicoco seCastle Lager Rugby Championship ngokunqoba kwi-Argentina ngempelasonto edlule. Kodwa bagcine bekhala ngaphansi ngo 29-28, uLibbok egeja iphenathi ngemizuzu yokugcina.
NgoMgqibelo ngo-5 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit, elakuleli linelinye ithuba lokuthatha lesi sicoco njengoba lizokwamukela i-Argentina.
UMbonambi ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngalo mdlalo ngesikhathi esebenzisa ithuba lokuzwelana noLibbok.
Amabhokobhoko adinga iphuzu ukudla lesi sicoco aseneminyaka engasazi.
Kusukela uLibbok egeje iphenathi, igama lakhe lisematheni ezinkundleni zokuxhumana kwabalandela umbhoxo.
Nakuba bekhona abafana noMbonambi kanjalo nomqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, abasathembele kuLibbok, kunenye ingxenye eyenza ihaba ngokuthi akumfanele nokubizelwa eqenjini lesizwe.
“Ngikwazi kahle ukuthi kunjani uma igama lakho lihudulelwe phansi abantu abangakwazi nawe ongabazi ekubeni kade uzamela izwe lakho,” kusho uMbonambi.
“Ngo-2016, ngenza iphutha elaholela ekutheni sishaywe, namanje ngisakhunjuzwa ngalo. Akekho umdlali ongena enkundleni ngenhloso yokuyokwenza amaphutha.
“Mhlawumbe kusemqoka ukuthi laba abanombono ngoLibbok bazinike isikhathi babheke amagalelo akhe kumaBhokobhoko kusukela efikile.
“Uyilunga elimqoka leqembu futhi siyawazi amangwevu akhe,” kulandisa uMbonambi.
Lo mdlali weHollywoodbets Sharks oke waba sematheni ngesikhathi kuqhubeka iNdebe yoMhlaba eFrance nyakenye, kuthiwa uthuke umdlali wase-England, uzishaya isifuba ngasebekwenzele iqembu lesizwe kule minyaka edlule.
“Besihlele ukunqoba e-Argentina kodwa uma ukuhluleka kwethu kuzosinika ithuba lokuqukulela ekhaya, siyakwamukela nalokho.
“Sonke sizizwa sikhethekile ngendlela iqembu lesizwe eselibuyelwe ngakho izikhathi zenjabulo ngesikhathi kuyithina esidlalayo.
“Indlela abantu baseNingizimu Afrika abazigqaja ngayo ngeqembu labo lesizwe isenza siqhubeke nokuzinikela ngisho kungasavumi,” kusho uMbonambi.
U-Erasmus ufake uLibbok esikimini esizoqala umdlalo neLos Pumas.
Komunye umdlalo walo mqhudelwano, iNew Zealand ivala ne-Australia khona kusasa.