KUVELA ukuthi lingase liphele leli sonto iMoroka Swallows isimkhulule ngokusemthethweni uSteve Komphela esikhundleni sokuqeqesha.
Selokhu leli qembu libuyele emsebenzini uKomphela akakaze alubhade ejimini. Izintambo zibanjiswe uMusa Nyatama noDitheko Matoto abangabasizi.
Ngemuva kosuku lokuqala, uKomphela engayanga ejimini wasola imenenja yaleli qembu, u-Elasto Kapowezha, ngokungamazisi ukuthi kubuyelwa nini.
Ngokusho komthombo, le nkulumo kaKomphela kwabezindaba kayehlanga kahle kuKapowezha. Wayithatha njengemehlisa isithunzi. Umthombo uqhube wathi uKapowezha umatasa nabameli ukuze kuzonqanyulwa inkontileka kaKomphela.
Uqhube wathi lesi sikhulu senza lokhu ngokucophelela ngoba uma bezoxhamazela bangazithola bekhokhela uKomphela imali eshisiwe ngenxa yokunqamula inkontileka yakhe.
Ngesikhathi uKomphela efika kwiSwallows ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeligi, usihlalo wayo uDavid Mogashoa, wacashunwa ethi lo mqeqeshi usayine inkontileka yesizini enombandela wokuyivuselela.
“Ukungayi emsebenzini kukaKomphela yikhona okukhombise ukonakala kobudlelwano phakathi kwakhe nezikhulu zeSwallows. Ukuveza kwakhe kwabezindaba ukuthi u-Elasto akamtshelanga ukuthi kubuyelwa nini emsebenzini kuzone kakhulu izinto. Kuyimanje u-Elasto umatasa nabameli ukuthi akhululwe ngokushesha uKomphela. Lingase liphele leli sonto eseyitholile incwadi emkhulula ngokusemthethweni. Balwela ukuthi axoshelwe ukungezi emsebenzini,” kusho umthombo okhulume neSolezwe.
Uqhube wathi: "Izintambo zokuqeqesha zizobanjiswa uNyatama noDitheko. Uma benza kahle, bazoqhubeka kuze kuphele isizini. Uma behluleka kuzobhekwa umqeqeshi onamava.“
Ngokwemibiko eqhamukayo, uKomphela usola abaphathi beSwallows ngokuba nesandla ekubhidlizeni indlela yokudlala abeyitshala kubadlali. Indaba iqale ngoDisemba, abadlali bengalubhadi emsebenzini, befuna imiholo yabo.
Lokhu kuholele ekutheni bangayi emdlalweni weMamelodi Sundowns nakoweLamontville Golden Arrows. ISwallows igcine ijeziswa yiPremier Soccer League, yona yaqoka ukuxosha abadlali. Nokho kukhona asebebuyisiwe, basayiniswa izinkontileka ezintsha. Kulaba badlali kukhona unozinti uDaniel Akpeyi, Tlakusani Mthethwa, Kwanda Mngonyama noLindokuhle Mtshali. Kuvele ukuthi iSwallows isayinise u-Augustine Mahlonoko obezama inhlanhla kuyona.
KwiRadio 2000, uKomphela uzwakele eqhubeka nokugxeka uKapowezha. Uveze nokuthi wayengazi nokuthi abadlali babizelwe ngaphambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
"Kunabadlali abaxoshwe ngingazi lutho. Nalokhu kuhlala kwekomiti eliqondisa ubugwegwe angaziswanga ngakho. Ziningi izinto engingazi lutho ngazo. U-Elasto Kapowezha wenza izinto ngendlela yakhe. Iyabuya imidlalo yeligi, mhlawumbe sizokwazi ukuhlala phansi sibonisane ngenqubekela phambili," ucashunwe kanje kwiRadio 2000.
Ngesonto eledlule esinye isikhulu esiphezulu kwiSwallows, uSipho Xulu, sicashunwe sikuvuma ukuthi baxoshe ithimba labaqeqeshi beqembu le DStv Diski Challenge (DDC). Kubalwa umqeqeshi uMatsemela Thoka, owonozinti nowokuqinisa imizimba. Nabo kuvela ukuthi sekuphele izinyanga bengaholelwa.