UKUQHUBEKA nokuzikhandla ngisho sekubukeka sengathi abaqeqeshi beqembu lesizwe sebemzibile ngenye yezinto umdlali weHollywoodbets Sharks, u-Aphelele Fassi, abona iphinde yamphendlela indawo kumaBhokobhoko.
UFassi (26) wadlala okokuqala eqenjini lesizwe ngoJulayi -2021 libhekene neGeorgia, washaya i-try eyodwa, waphinde wenza okufanayo emdlalweni wakhe wesibili lidlala ne-Argentina.
Wadlala umdlalo wakhe wesithathu kumaBhokobhoko ebhekene neWales ngoJulayi 2022. Kucishe kwaphela iminyaka emibili ngaphambi kokuthi aphinde adlale kuleli qembu njengoba abuya emdlalweni weQatar Airways Cup neWales ngoJuni nonyaka.
Kulo nyaka usedlale imidlalo eyisithupha eqenjini lesizwe. Ushaye ama-try amabili ngesikhathi iqembu likaRassie Erasmus linqoba i-Argentina kowokusonga iRugby Championship ngempelasonto edlule.
Ephawula ngokuthuthuka okubonakale emdlalweni wakhe osekudonse amehlo abaqeqeshi beqembu lesizwe, uFassi uthe akazange adikibale ngisho eshiywa ngaphandle.
“Ngeke ngithi ngalahlekelwa yithemba. Engingakusho wukuthi kwangibonisa iqiniso ngokwakufanele ngikushintshe emqondweni wami. Ngibonga abaqeqeshi ngokuqinisekisa ukuthi bangibeka endaweni engcono,” kusho uFassi.
“Nabaqeqeshi beSharks baqinisekisa ukuthi angizingabazi, bangisiza ukuthi ngithuthuke lapho bengishoda khona.
“Ngicabanga ukuthi sengilikhuphulile izinga kodwa lokho akusho ukuthi konke sengikwenza kahle. Kwezemidlalo kufanele ukhule njalo, ngakho-ke kusekhona okumele ngikulungise. Inhloso yami wukuthi ngizimisele njalo uma ngingena enkundleni.”
UFassi nabanye ozakwabo kumaBhokobhoko abanjengoMakazole Mapimpi, Lukhanyo Am, Jaden Hendrikse, Siya Kolisi, Grant Williams, Bongi Mbonambi, Ox Nche, Eben Etzebeth, kubhekwe ukuthi basize iSharks kwi-United Rugby Championship, yize kungakacaci ukuthi leli qembu lizobasebenzisa kanjani kulo mqhudelwano.
ISharks iyivule ngebatha i-URC ngempelasonto edlule inqotshwa yiqembu lase-Ireland, iConnacht, ngo 36-30.
Umdlalo wesibili izowudlala nelaseWales, iDragons, eRodney Parade Stadium, eNewport, ngoMgqibelo ngo-6.15pm.