Uzimisele ngokufeza iphupho lakhe lokudlalela iqembu lesizwe lombhoxo maduze umdlali weDHL Stormers, uHacjivah Dayimani.
Lo mdlali (26) oyibamba phambili ezinhlangothini nasendaweni eyaziwa ngeNumber 8, ungomunye wabadlali abavelele kuleli qembu laseKapa kusukela afika kulona ephuma kwiLions ngo-2021.
Ukhathule indima enkulu ngesikhathi iStormers inqoba isicoco se-United Rugby Championship (URC) ngesizini ka-2021/22 nangesikhathi ifinyelela kowamanqamu ngesizini edlule.
Uyiqale kahle nale sizini yize iqembu lakhe selinqobe imidlalo emihlanu, lahlulwa kwemine kwi-URC, lanqoba kany,e lahlulwa kanye kwiHeineken Champions Cup.
Ukuthatha umhlalaphansi kwenkakha yamaBhokobhoko, uDuane Vermeulen, kusho ukuthi abadlali abaningi bakuleli abagijima kwi-loose-forward, basethubeni lokuheha amehlo abaqeqeshi bamaBhokobhoko njengoba bebheke ukulakha kabusha iqembu ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2027.
Lapha kubalwa nabadlali abebeseqenjini elinqobe iNdebe yoMhlaba ebiseFrance nyakenye, uJasper Wiese, Kwagga Smith, Dayimani, uzakwabo kumaStormers, u-Evan Roos, nabanye.
“Sengidlale kwiSuper Rugby kusukela ngo-2017 futhi sengibe ngumdlali othembisayo cishe iminyaka eyisishiyagalombili. Sengizama ukukushintsha lokho.
Angifuni ukuthathwa njengomdlali okufanelwe abhekwe, ngihlose ukunyukela kwelinye izinga. Uma iphupho lokudlala kumaBhokobhoko lingafiki manje, kulungile, ngizoqhubeka nokuthuthuka,” usho kanje uDayimani.
AmaBhokobhoko aziwa ngokuba yiqembu elidinga abadlali baphambili ukuthi babe namandla, kanti uDayimani ujwayele ukuthathwa njengomdlali osebenzisa ubunono.
Muva nje useqalile ukukhombisa ukuthi angakwazi ukuguquka, futhi uvumile ukuthi kusekhona lapho okumele aqine khona.
“Ngenxa yendlela iStormers edlala ngayo, u-Evan Roos ujwayele ukudlala maphakathi bese ngigxila ezinhlangothini. Mina nabaqeqeshi sesinqume ukuthi yilapho okumele ngithuthuke khona ngoba sekukhona ababona sengathi ngiwumdlali othanda ukuba sezinhlangothini, ngishaye amaphasi amahle kodwa ngiyacasha uma sekufanele kwenziwe umsebenzi onzima.
“Emidlalweni noZebre, iLa Rochelle neBulls kube nezikhathi lapho kubonakala khona ukuthi ngiyazifaka ezimweni ezinzima. Yingxenye yomdlalo wami engifuna ukuyithuthukisa futhi ngiyazama ukugqamisa lokho.
“Abanye abantu babona ukuthi ukuze uthathwe njenge-loose-forward ekwaziyo ukugijima nebhola, kumele uhlale ungqubuzana nabantu. Ababheki ukuthi ugijima amamitha amangakanani nokuthi bangaki abadlali obajikayo.
“Uma ngibheka izibalo zami, ngigxila kakhulu ekutheni ngihambe ibanga elingakanani. Lokho kungenza ngizibone ngiwumdlali okwaziyo ukuhamba nebhola kodwa abanye babona ngelinye iso.
Ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi nami ngiyakwazi ukuba sezindaweni ezishisayo enkundleni futhi ngihlanganise izitayela ezahlukene zokudlala, ukuze ngibe ngumdlali ophelele.”
UDayimani uzalwa elokishini iJoe Slovo, eKapa. Unina ngowakuleli, uyise ongasekho wayengowaseNigeria. Wake wahlala nogogo wakhe eCraddock, e-Eastern Cape, lapho aqala khona ukudlala ibhola lombhoxo, ngaphambi kokuthuthela eGoli eneminyaka engu-13.
Yilapho athola khona umfundaze wokuyofunda eJeppe High School, okuyisikole esakhiqiza uJames Dalton, owanqoba iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko ngo-1995, noJake White, owayeqeqesha amaBhokobhoko ngesikhathi enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007.
Ngokusho kwakhe umdlalo awuthanda kuqala yibhola lezinyawo futhi iphupho lakhe lokuqala kwakuwukuba ngunozinti weBafana Bafana. Wake washaya nesibhakela njengoba uyise, owayelandela inkolo yobuJuda, wayengamvumeli ukuthi adlale umbhoxo ngeMigqibelo. Kodwa umdlalo wombhoxo yiwona owagcina unqobile.
Ngesikhathi iStormers idla isicoco se-URC ngo-2022, uDayimani waduma umhlaba wonke ezinkundleni zokuxhumana njengoba ahlala izinsuku eziyisithupha egqoke izimpahla zokudlala eziphelele nendondo yakhe.
Kumavidiyo ayewafaka emakhasini akhe wayebonakala egeza, ebhukuda futhi ecima ukoma nabantu abahlukene esagqoke wona umfaniswano weqembu lakhe.
Umqeqeshi weStormers, uJohn Dobson, usephumele obala ngokuthi ukholwa wukuthi lo mdlali unakho konke okudingekayo ukuze afinyelele eqenjini lesizwe maduze nje.