USAZOWA evuka nonozinti wezakhe, uPablo Franco Martin oqeqesha AmaZulu, phezu kokuthi ebonakala egubezelwe yifu elimnyama kulezi zinsuku ngokwenza amaphutha ashiya ozakwabo besenkingeni.
Iphutha likanozinti waMaZulu, uVeli Mothwa, alenze esikhathini esengeziwe unondweba, liholele ekutheni iPolokwane City inqobe umdlalo we-Betway Premiership ngo 2-1 ngoMgqibelo ebusuku, e-Old Peter Mokaba Stadium.
UMothwa (33) uphunyukwe ibhola obekufanele alinqake kalula lawela esitheni ebhokisini, esingazange sinanaze, salinamathisela enethini, ahamba kanjalo amaphuzu amathathu.
Kwenzeka konke lokhu nje, igama likaMothwa livele lisemoyeni ebholeni laseNingizimu Afrika kulandela iphutha alenza koweBafana ibambana ne-Uganda ngo 2-2 kowokuhlungela i-Afrika Cup of Nations (Afcon), emasontweni edlule.
UHugo Broos ocija iBafana, akazange ambophele uMothwa kolandelile neSouth Sudan, ezeseka ngokuthi uyamvikela.
UMartin naye umvikelile lo nozinti ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva kokuguqiswa iPolokwane.
“Akekho ongabonanga ukuthi igoli esishaywe ngalo kube iphutha kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele silwe nomuntu oyedwa ngoba cishe iqembu lonke liwenzile amaphutha kulo mdlalo,” kusho uMartin.
“Ibhadi likanozinti ukuthi elakhe iphutha liba sobala kodwa nabanye bayawenza. Ngeke ngimlahle uMothwa ngoba ebhekene nalesi simo abhekene naso kepha kufanele ngilivikele ithalente lakhe.
“Kusukela ngafika kuMaZulu, uMothwa uyena unozinti wethu wokuqina. Uyena yedwa futhi obizwa ngaso sonke isikhathi eqenjini lesizwe ngakho-ke angivumi ukuthi akasenalo ikhono ngenxa yamaphutha ambalwa.
“Okuhle ngathi Osuthwini ukuthi uma sinqoba lokho sikwenza ndawonye okwenza kube lula nokuhlangana uma kukhona okungamhambeli kahle,” kusho lo mqeqeshi oteketiswa ngelikaCijimpi.
UCijimpi nezakhe banethuba lokulungisa amaphutha emdlalweni wesibili weligi neKaizer Chiefs ngoSepthemba 25, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.