KUSEZANDLENI ze-Orlando Pirates ukuzisondeza kuma-quarter-final eCaf Champions League njengoba izogadulisana neqembu lase-Algeria, iCR Belouizdad, kusasa ngo-3 ntambama e-Orlando Stadium.
Ezimnyama zagcina ukudlala kweyamaqoqo kulo mqhudelwano ngesizini ka-2018/19, zahluleka ukudlulela kweyomkhumulajezi ngoba zalala endaweni yesithathu eqoqweni lazo, ngemuva kwe-Esperance yaseTunisia, ne-AC Horoya yaseGuinea.
Zagcina ukudlala eyomkhumulajezi ngesizini ka-2013, lapho zahamba khona zafinyelela kowamanqamu, zaguqiswa yi-Al Ahly ngo 3-1 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
Iqembu likaJose Riveiro, lizihola phambili kuGroup C ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine, zilandelwa yi-Al Ahly ngamaphuzu ayisikhombisa. I-Belouizdad isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisithupha bese iStade de Abidhan iyibamba emsileni ngephuzu.
Njengoba i-Al Ahly izovakashela iStade d’Abidjan, e-Ivory Coast namuhla ngo-6 ntambama, lokhu kuchaza ukuthi iPirates, neBelouizdad bazobe sebenesithombe esingcono mayelana nokufanele bakwenze kusasa ukuze angashabalali amathuba okudlulela emzuliswaneni olandelayo.
IPirates iwunqobe kalula umdlalo wayo wakamuva wamaqoqo kulo mqhudelwano ngokubhaxabula iStade d'Abidjan ekhaya ngamagoli kaRelebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi, noDeon Hotto.
Nokho ezikaMagebhula ziqhuzukile kowakamuva weBetway Premiership ngesikhathi zishawa yiCape Town City ngo 1-0 ekuhambeni ngoLwesithathu ebusuku.
IBelouizdad iguqise -Al Ahly ngo 1-0 kowakamuva weChampions League ngegoli elashawa nguNaoufel Khacef.
Leli qembu lase-Algeria libe selinqoba iZaouia ngo 1-0 emdlalweni we-Algerian Cup ngoJanuwari 7, okusho ukuthi lizoza kulo mdlalo lizethemba.
Umdlali wasesiswini wePirates, uMakhehleni Makhaula, uthe kukubona ukuthi bawushiye ngemuva umdlalo weligi neCape Town City, bagxile kulo wakusasa obucayi kakhulu.
“Ngicabanga ukuthi okwenzekile (sibhekene neCape Town City) ngingakuchaza njengeminye yemidlalo engaqondakali. Siwatholile amathuba kodwa sahluleka ukubeka ibhola enethheni. Ngokubona kwami bekungomunye wemidlalo exakayo lapho usala khona uzibuza ukuthi ‘ngabe sihlulwe kanjani futhi kungani singashayanga magoli?,” kusho uMakhaula.
“Kufanele sikhombise ukuvuthwa siwudlulise lowo mphumela, sigxile emdlalweni olandelayo ngoba kuzoba umdlalo osemqoka ngempela kithina.”
Ngesikhathi amaqembu ehlangana ngoNovemba nyakenye, e-Algeria kwanqoba iPirates ngo 2-1. Womabili amagoli eZimnyama ashawa kuMohau Nkota, kwathi eleBelouizdad lashawa nguKhanyisa Mayo.