AKASIBHEKILE isikimu kwiBafana Bafana unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, okuqubuke umsindo eqokelwa esikwatini ngumqeqeshi uStuart Baxter ngesonto eledlule.
UBvuma uqokwe ngaphambi konozinti abehlukene obekubhekwe ukuthi bazothola ithuba ngenxa yokuba sefomini okukhona kubona uSiyabonga Mbatha waMaZulu. Abanye onozinti abakwiBafana nguDarren Keet weBidvest Wits noRonwen Williams weSuperSport United.
UWilliams usevele ushilo ukuthi ufuna ukuzobanga ijezi noKeet ngoba ukholwa wukuthi kukhona angakwenzela iqembu lesizwe. Izinkinga zeBafana ezintini ziqale ngemuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune weChiefs.
UBaxter ukubeke kwacaca ukuthi unozinti wesithathu akazile ukuzobanga ijezi kwiBafana kodwa kudingeka azokhula eqenjini, wathi uqoke uBvuma ngoba useke wayibamba ishisa ngaphansi kwakhe kwiCosafa Cup.
UBvuma ubekade esezintini ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 neSuperSport emdlalweni we-Absa Premiership eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoLwesihlanu ebusuku.
“Ngibonga uMdali ngokuthola ithuba kwiBafana. Ngibheke ukuyofunda. Sizobona ukuthi kwenzekani,” kusho uBvuma.
Mayelana nomdlalo neSuperSport uthe: “Ngijabule ngendlela esidlale ngayo kodwa besifuna ukuphuma namaphuzu amathathu. Bekuwumdlalo onzima.”
Kubona bobathathu onozinti abaqokwe nguBaxter akekho ongangenelwanga yigoli emidlalweni yakamuva emaqenjini abo kwiPremiership. UKeet, okulindeleke ukuthi awuqale umdlalo kwiBafana, ungenelwe amabili ngesikhathi iWits iphendukela esiswini njengotshwala iBloemfontein Celtic iyithela isibhaxu sika 4-2. UBvuma noWilliams balande ezintanjeni igoli elilodwa ngamunye emdlalweni ophele ngo 1-1 phakathi kweSuperSport neChiefs.
Lokhu kusho ukuthi akekho unozinti ozethemba ngokuphelele eqenjini likaBaxter elifulathele leli ngoMgqibelo.
Ngesonto eledlule uWilliams uvumile ukuthi liyasinda ijezi likaKhune kwabanye onozinti eMzansi ngoba kugxekwa bona uma kungena igoli. Kodwa uma kuvimbe uKhune akasolwa. IBafana izobhekana neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba se-Egypt ngoJuni.
Umdlalo uzoba ngeSonto ngo-7 ebusuku eTunisia.