IMAMELODI Sundowns ilengela engozini yokulahlekelwa nguKhama Billiat mahhala ngoJuni.
Lesi sibabuli somdlali odabuka eZimbabwe sigcine singahambanga yize bekuvela ukuthi sifuna ukushiya kuBafana Ba Style. Inkontileka kaBilliat neSundowns iyaphela ngoJuni. UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns utshele Isolezwe izolo emini ukuthi uBilliat akayi ndawo.
“Ubekade ekhona manje ejimini. Usazoqhubeka nokudlala kwiSundowns kuze kuphele isizini,” kusho uThuswa.
Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane usanda kuphumela obala ngokuthi akawungeni lo mkhuba wokugquma abadlali ebhentshini ngoba nakhu kuvela ukuthi bayashiya.
“Anilindele ukuthi uKhama adlale? Ungumdlali wethu, uma esesimeni kufanele adlale. Uma umdlali ekhona kufanele adlale. Khumbulani ukuthi siyamkhokhela. Thina kwiSundowns asinawo umlando wokugquma abadlali abahambayo ebhentshini. UZungu (Bongani) wadlala kwaze kwaba uyahamba noDolly (Keagan) kwaba kanjalo,” kusho uMosimane.
UBilliat bekuvela ukuthi ufunwa ngamaqembu ase-Egypt naseSaudi Arabia. URiyaad Norodien we-Orlando Pirates ubolekiswe kwiPlatinum Stars kuze kuphele isizini, kwathi uWilliam Twala weKaizer Chiefs wabolekiswa kwiMaritzburg United kuze kushaye uJuni.
UMike Makaab weProSport International, okuyinkampani ephethe izindaba zika-Andile Jali, uphinde waqinisekisa ukuthi lo mdlali uyahlala kwiKV Oostende yaseBelgium. I-Pirates igcine yehlulekile wukuthola uBen Motshwari kwiBidvest Wits. Lo mdlali uzoze ayijoyine ngoJuni.
UPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency utshele Isolezwe ukuthi uKeagan Buchanan uyahlala kwiChiefs.
Amaqembu ePSL asayinise kanje kuleli windi:
Orlando Pirates:
Xola Mlambo, Augustine Mulenga, Phetso Maphanga noDiamond Thopola
Bidvest Wits:
Edwin Gyimah, Lehlohonolo Majoro noThobani Mncwango
Kaizer Chiefs:
Siphelele Ntshangase, Leonardo Castro noKabelo Mahlasela
Mamelodi Sundowns:
Aubrey Ngoma, Jeremy Brockie, Siyabonga Zulu noGastin Sirino
Ajax Cape Town:
Tendai Ndoro, Yannick Zakri noSiyanda Zwane
Chippa United:
Fares Hachi, Linda Mntambo, Mxolisi Macupu, Frederick Nsabiyumva no-Edward Manqele
Platinum Stars:
Ayanda Gcaba noRiyaad Norodien
Lamontville Golden Arrows:
Danny Venter noSandile Zuke
AmaZulu:
Camaldine Abraw
Maritzburg United:
William Twala
SuperSport United:
Evans Rusike noMokagolodi Ngele
Cape Town City:
Masoud Juma noSurprise Ralani
Polokwane City:
Mondli Miya noDominic Chungwa
Free State Stars:
Thela Ngobeni
Bloemfontein Celtic:
Menzi Masuku