UMQEQESHI weqembu lesizwe labesilisa lombhoxo uRassie Erasmus, uthe bazamukele ngentokozo izindaba zokuthi ukaputeni wamabhokobhoko uSiya Kolisi, uzobuya azodlala kuleli.
UKolisi (32), wafulathela elakuleli ekupheleni kwemibhiyozo yokuvikela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba nyakenye, wayojoyina iqembu laseFrance, iRacing 92.
Nokho, kusanda kuvela ukuthi usecele ukuyinqamula inkontileka ebizophela ngo-2026. Kukhonjwa ukuthi uzobuyela eqenjini abedlala kulona ngaphambi kokuya eFrance, iHollywoodbets Sharks.
"Empeleni besingafuni ukuthi abuye kodwa lo ophethe izindaba zakhe ubelokhu ebelesela,” uqale wancokola kanje u-Erasmus esithangamini nabezindaba eBrisbane, lapho iqembu lakuleli lizobhekana khona ne-Australia ngoMgqibelo.
“Ngesikhathi sizwa ukuthi ufuna ukubuya konke bekusezandleni zeSharks futhi ngesikhathi ifuna umbono wethu sishilo ukuthi siyaseseka ngokuphelele lesi sinqumo.
“ISharks iyona ezomemezela ngokusemthethweni. Yasibuza ukuthi siyafuna yini ukuba abuye, saphendula ngokuthi, yebo. Kuhle ukuthi ukaputeni azinze ekhaya. Anginaso isiqiniseko sokuthi sekusondele kangakanani ukuthi kuvunyelwane nokuthi kuzomenyezelwa nini. Engingakusho wukuthi siyazi ngezingxoxo eziqhubekayo futhi seneme kakhulu ngazo.”
Khonamanjalo, u-Erasmus ufake uSacha Feinberg-Mngomezulu, no-Elrigh Louw ohlwini lwabazoqala emdlalweni wokuvula iRugby Championship ne-Australia ngoMgqibelo ngo-6.30 ekuseni.
Bobabili abadlali sebedlale imidlalo emine eqenjini lesizwe kodwa bazobe beqala ukuba seqenjini elizoqala.
U-Erasmus uthe ukuqalisa uFeinberg-Mngomezulu bese esinye sezethenjwa uHandre Pollard, siqala ebhentshini, akusho ukuthi sebeyakhishwa abadlali asebemnkantshubomvu.
“Njengoba sihlezi sisho ngaphakathi eqenjini, asikwazi ukubheka phambili kakhulu bese sikhohlwa okufanele sikwenze manje. Kodwa asikwazi ukugxila kulokhu okwenzekayo manje kuphela singalicabangeli ikusasa,” kusho u-Erasmus.
“Ngeke ngisho ukuthi sesiqala kabusha ngokuphelele kodwa sinika abanye abadlali amathuba. Sesike sababona abadlali abafana noHandre, Manie (Libbok) noJordan (Hendrikse).”
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-Australia:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 9 Cobus Reinach, 8 Elrigh Louw, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi, 5 RG Snyman, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Ben-Jason Dixon, 20 Marco van Staden, 21 Kwagga Smith, 22 Grant Williams, 23 Handre Pollard.