LIZIBEKE ethubeni lokubuya nesicoco iqembu lakuleli lekhilikithi lamantombazane lika-Under-19 ngesikhathi lidlulela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba eMalaysia.
AmaProteas amancane anqobe i-Australia ngamawikhethi amahlanu eKuala Lumpur, izolo ekuseni.
I-Australia ibhethe kuqala kulo mdlalo obuseBayuemas Oval, yaqeda ama-over ayo angu-20 isihlanganise ama-run angu-105, eselahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
Kubashwibi bakuleli kugqame u-Ashleigh van Wyk, othathe amawikhethi amane.
Iqembu lakuleli liwunqobile umdlalo ngesikhathi lifinyelela kuma-run angu-106 kwi-over ka-18.1, sekuphume abadlali abahlanu.
UJemma Botha uhambe phambili ngama-run angu-37 kuma-over angu-24, elekelelwa ngukaputeni, uKayla Reyneke, oshaye ama-run angu-26 emabholeni angu-26.
“Ngiyajabula ukuthi sesingene kowamanqamu. Ngicabanga ukuthi kusifanele ngenxa yawo wonke umsebenzi onzima owenziwe ngabaqeqeshi nabadlali,” usho kanje uBotha.
“Ukungena kwethu enkundleni senze abakushoyo kuyindlela yethu yokubabonga ngakho konke abasenzela kona. Ngiyazi ukuthi amanye amantombazane adlala ngo-2023 asebuyile ekhaya futhi asibhekile. Siyakwazisa ukwesekwa kwabo kanye nokwawo wonke umuntu ekhaya.
“Siyazi ukuthi umdlalo olandelayo kowamanqamu uzoba nzima kodwa sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi sisebenze kahle kulo mdlalo sizame ukunqoba indebe.”
AmaProteas asezobhekana ne-India kowamanqamu ozobanjelwa e-Bauyemas Oval, kusasa ngo-8.30 ekuseni.
I-India inqobe i-England ngamawikhethi ayisishiyagalolunye komunye owandulela owamanqamu. Iyona evikela isicoco njengoba yadla umhlanganiso ngesikhathi lo mqhudelwano udlalwa okokuqala eNingizimu Afrika ngo-2023.
Iqembu lakuleli laphuma kweyamaqoqo esigabeni seSuper 6 kulowo mqhudelwano.