KUZOCACA kusasa ukuthi yibaphi ababili abayizilomo kwezemidlalo KwaZulu-Natal abazogoduka nomacekeceke bezimoto njengoba kuzoklonyeliswa abahamba phambili kulesi sifundazwe kumaKZN Sports Awards.
Kulo mcimbi ozobanjelwa eNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) eThekwini, kusukela ngo-6pm, abazinze KwaZulu-Natal abenze ezibukwayo ezinkundleni ezehlukene zezemidlalo bazochonywa uphaphe lwegwalagwala.
Iminxa ebhekwe kakhulu yiSportsman of the Year neSportswoman of the Year njengoba abazodla umhlanganiso khona bengagcini ngokuklonyeliswa ngezindondo nemali kodwa bagixatshezwa ngezimoto zohlobo lweVW Polo Vivo ezinikelwe yinkampani ekhiqiza amajezi ezemidlalo, iJoma Sports South Africa.
Kulo nyaka abazobanga imoto kwabesilisa umdlali wombhoxo u-Aphelele Fassi, umgwedli wezikebhe (canoeing) uHamish Lovemore nomdlali wekhilikithi uKeshav Maharaj.
UFassi wagqama kakhulu ngesikhathi edlalela iHollywoodbets Sharks kwi-United Rugby Championship nakwi-EPCR Challenge Cup, waphinde wenza ezibukwayo naseqenjini lesizwe.
ULovemore wawola izindondo zegolide kumaSA Canoe Championships, waphinde wangenela nenqwaba yemijaho yaphesheya okubalwa kuyona nama-Olympic abeseParis nonyaka.
UMaharaj walima indima enkulu ngesikhathi amaProteas enfinyelela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 nonyaka.
Kwabesifazane kuzoqophisana owe-netball, uNozipho Ntshangase, owekhilikithi uNonkululeko Mlaba, nomsubathi uTayla Kavanagh.
UNtshangase uhole iqembu laseKZN, iKingdom Stars, ngesikhathi liqhwakela esigabeni sesibili kwiTelkom Netball League, wadlala nakwelesizwe leNetball Fast 5.
UMlaba owathatha indondo yeSportswoman of the Year nyakenye, uqhubekile nokuba wumshwibi obalulekile kumaDolphins naseqenjini lesizwe kanti uKavanagh usezakhele igama ekugijimeni amabanga aphakathi kuka-5km kuya ku-10km kuleli.
Kwasebeke baphumelela kule minxa eminyakeni edlule baphinde bahlabana ngezimoto kubalwa uMlaba, Phiwokuhle Mnguni, Michelle Burn noBongiwe Msomi kwabesifazane, kube uMatthew Sates, Greg Minnaar, Maharaj noHank McGregor kwabesilisa.