UMQEQESHI we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge (DDC), uJoseph “Dukuduku” Makhanya, uzithwese ijoka lokuqeda ishobolo leminyaka lokwehluleka ukuwina iligi kweZimnyama.
UMakhanya, owayedlalela leli qembu, useqale isizini yakhe yesithathu eqeqesha kwiDiski kodwa akakayiwini iligi. Wangena endaweni kaMandla Qhogi oseqeqesha iMilford kwiMotsepe Foundation Championship.
EZimnyama azikaze ziyiwine iligi yeDiski selokhu yasungulwa ngo-2014. Zihlale zehluleka ngasekugcineni emuva kokuhamba phambili isikhathi eside. Njengoba iDDC igubha iminyaka engu-10 yasungulwa, uMakhanya ukubeke kwacaca ukuthi kufanele isicoco siphelele kweZimnyama. Ngempelasonto edlule, iPirates ibuye nephuzu emuva kokubambana ngo 0-0 naMaZulu emdlalweni wokuqala wesizini eThekwini.
“Yisizini eyisipesheli lena. Uma ubheka selokhu yasungulwa iligi, asikaze siyiwine. Ngaso sonke isikhathi sicishe siyiwine. Manje kubhiyozelwa iminyaka engu-10, kungaba yinto ekhethekile kakhulu ukuyiwina. Njalo uma kuqala isizini, noma yimuphi umqeqeshi uqala enethemba. Nami kuyiphupho lami ukuyiwina iDiski. Sizama ukubumba iqembu eliqinile ukuze sikwazi ukuncintisana namanye amaqembu. Sibhekile ukuthi yini esisebenzele nengasisebenzelanga. Sizibonile izinto ezithize esingazezanga kahle. Siyashesha ukukhuphula igiya, bese sishona phansi uma isizini isiyophela. Asiqedi ngegiya eliphezulu njengoba sisuke siqalile. Sidinga ukubamba umgqigqo, siqinisekise ukuthi senyusa igiya ngesikhathi esifanele ukuze siqede kahle,” kusho uMakhanya.
Kumasizini amathathu akamuva eDiski, iligi idliwe yiStellenbosch kabili neSuperSport United. Kuwona womabili amahladla, iStellies iwine iligi yayisheba nendebe yeNext Gen Cup edlalelwa e-UK.
“Silibhekile iqembu eliwina iligi okuyiStellenbosch, sabheka ukuthi liyiqala kanjani isizini. Kuyisifundo lokhu kithina ukuthi mhlawumbe asinganqamuleli kodwa asiqinisekise ukuthi iqembu likhula kancane kancane kunokuqala ngegiya eliphezulu, lehluleke ekugcineni. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sikhuphula igiya ngesikhathi esifanele, siqede kahle,” kusho uMakhanya.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge
NgoMgqibelo: Orlando Pirates v Cape Town City (Solomon Mahlangu Stadium, 1pm); Magesi v AmaZulu (Old Peter Mokaba Stadium, 12pm); TS Galaxy v SuperSport United (Solomon Mahlangu Stadium, 3pm).
NgeSonto: Stellenbosh v Richards Bay (Idas Valley Sporets Ground, 10am); Sekhukhune United v Golden Arrows (Isak Steyl Stadium, 10am); Kaizer Chiefs v Chippa United (Solomon Mahlangu Stadium, 1pm); Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (Solomon Mahlangu Stadium, 3pm).