UFUNA iqembu liqhubeke nokunqoba imidlalo kwi-2024/25 World Sevens Series omunye wokaputeni beqembu lesizwe labesilisa lombhoxo weSevens, u-Impi Visser.
AmaBlitzbokke azongena emqhudelwaneni wesithathu ePerth ezethemba kulandela ukunqoba umqhudelwano wasekhaya, eKapa, ngoDisemba.
Iqembu likaPhillip Snyman lisendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-30. Lisele ngamaphuzu ayisithupha eqenjini elizihola phambili, iFiji, elinqobe umqhudelwano wokuvula eDubai nyakenye.
Ngokusho kukaVisser, ukuphakamisa indebe ekhaya okokuqala kusukela ngo-2015 kukhumbuze leli qembu ukuthi linganqoba noma yiliphi uma lizimisela ngokuphelele.
“Ingcindezi yokwenza kahle uma udlalela amaBlitzbokke ihlezi ikhona futhi siyazi ukuthi abalandeli balindele lukhulu kithina. Nathi njengabadlali siziphonsela inselelo,” kusho uVisser.
“Ukuwina kwethu eKapa kube yizithelo zokuzikhandla kwethu. Sesizibekele izinga okumele siligcine manje. Sifike lapha ePerth sinalokho emqondweni. Sifuna ukungabe sisasuka kuleli zinga eliphezulu ngoba yilokho okuzoletha imiphumela.”
AmaBlitzbokke azoqala lo mqhudelwano kuPool A lapho eqhathwe khona ne-United States, Australia ne-Argentina. UVisser uthe nakuba yonke le midlalo izoba nzima kodwa uyalethemba iqembu abanalo.
“Zonke izimbangi zethu zinamandla ezindaweni ezithize, ziphinde zibe buthaka kwezinye. Esikubonile ukuthi sidlala kahle kakhulu uma sigxila kithina. Sinabadlali abanamakhono nabanamava njengoRyan (Oosthuizen), Ronald (Brown) noSelvyn (Davids). Iqiniso ukuthi sizolwa,” uqhube kanje uVisser.
“Siyakwazi esingakwenza, inselelo kuzoba ukungagcini nje kuleli zinga kodwa siphinde siqhubeke nokuthuthuka.”
AmaBlitzbokke azovula ne-United States kusasa ngo-8:23 ekuseni, bese ebhekana ne-Australia, ngo-1:52 emini.
Azosonga isigaba samaqoqo ngokubhekana ne-Argentina ngoMgqibelo ngo-7:50 ekuseni.