UKUPHIKWA yimiphumela kweWales ngeke kuholele ekutheni bayithathe kancane uma sebebhekene nayo ngoMgqibelo, ngokusho komqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
Lo mdlalo, ozobe ungowokugcina ohambweni lwamaBhokobhoko lwaphesheya, uzoqala ngo-7.40 ebusuku eMillenium Stadium eCardiff, eWales.
Iqembu lakuleli lizobe lihlose ukusonga lolu hambo ngenothi elihle kwazise seliyinqobe yomibili eliyidlale neScotland ne-England.
IWales yona izongena imabokoboko kulo mdlalo kwazise isinqotshwe imidlalo engu-11 ilandelana kusukela yakhishwa yi-Argentina kuma-quarterfinal eNdebeni yoMhlaba nyakenye.
Yagcina ukuwina iguqisa iGeorgia ngo 43-19 kowokugcina wamaqoqo emqhudelwaneni ofanayo nyakenye ngo-Okthoba 7, nosekufake umqeqeshi wayo, uWarren Gatland, ngaphansi kwengcindezi.
“Kunzima kakhulu ukukhuluma ngesimo sabanye abantu kodwa ngizozama ukuphendula. Ngesikhathi sijoyina amaBhokobhoko sasiyithimba elisha labaqeqeshi nokwenza kwaba lula ukuqala kabusha. Ngicabanga ukuthi iWales isesimweni esihlukile njengoba isaholwa umqeqeshi ofanayo,” kusho u-Erasmus.
“UWarren ngeke avele abe umqeqeshi ongekho ezingeni ekubeni siwazi umlando wakhe. IWales inabadlali abasezingeni eliphezulu. Ngiyazi ukuthi akukuhle ukuhlulwa imidlalo engu-11 ilandelana kodwa njalo uma sidlala neqembu elisebunzimeni siqikelela kakhulu.
“Engikwaziyo ukuthi uWarren useke wadlula ezimweni ezinzima phambilini futhi uzokulungisa lokhu okungahambi kahle eqenjini. Ngeke ngisho ukuthi ngingathanda avuke ngathi kodwa ngimfisela ukuthi agcine ephumelele.
“Yize sake saba nokungqubuzana phambilini, uyindoda ezifelayo ngombhoxo futhi sesibe nezingxoxo ezimnandi ngemva kokungaboni ngaso linye.”
U-Erasmus wenze izinguquko eziyisikhombisa eqenjini eliqale owakamuva ne-England ngesikhathi ememezela elizoqala koweWales.
Izinguquko ezimbili zenzeke emuva kwi-scrumhalf ne-flyhalf lapho efake khona izelamani zakwaHendrikse, uJaden noJordan, ezikhaleni zikaGrant Williams noMannie Libbok.
Phambili ushintshe abahlanu, efaka uJohan Grobbelaar, Thomas du Toit, Jean Kleyn, Franco Mostert no-Elrigh Louw ezindaweni zikaBongi Mbonambi, Wilco Louw, Eben Etzebeth, RG Snyman noPieter-Steph du Toit.
“Kuyangijabulisa ukuthi izelamani zakwaHendrikse zizoqala ndawonye. Besilokhu sishintshashintsha abadlali, sizama izinto ezehlukene futhi kubafanele ukuthola leli thuba. UJordan usadlale kanye kumaBhokobhoko kanti uJaden usezinzile eqenjini lethu. Ngaphandle kwemizwa emihle yokuthi bazodlala ndawonye, okusemqoka kakhulu ukwenza okulindelekile enkundleni,” kusho u-Erasmus.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neWales:
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Jordan Hendrikse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Elrigh Louw, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Franco Mostert, 4 Jean Kleyn, 3 Thomas du Toit, 2 Johan Grobbelaar, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Eben Etzebeth, 20 RG Snyman, 21 Cameron Hanekom, 22 Cobus Reinach, 23 Handre Pollard.