UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, nomqeqeshi wakhe, uRassie Erasmus, bavumelene ngokuthi iqembu kusafanele lenyuse izinga emdlalweni olandelayo yize liyishayile i-Ireland ngoMgqibelo.
AmaBhokobhoko anqobe lo mdlalo obubhekwe ngabomvu obuseLoftus Versfeld, ePitoli, ngo 27-20.
Ama-try eqembu lakuleli aqhamuke kuKurt-Lee Arendse noCheslin Kolbe, eyesithathu kwaba yi-penalty try. I-Ireland iphendule ngama-try amathathu abekwe nguJamie Osborne, James Lowe noRyan Baird.
Umehluko kube ngukuthi uHandre Pollard uphinde wabeka phakathi ama-conversion amabili namaphenathi amabili, uJack Crowley washayela i-Ireland i-conversion eyodwa nephenathi eyodwa.
“Bekuwumdlalo omqoka. Singene kuwona sazi ukuthi sagcina ngo-2016 ukushaya i-Ireland, ngakho-ke lo mphumela usho lukhulu eqenjini,” kusho uKolisi.
“Okusemqoka manje ukuthi singakhohlwa ukuthi umsebenzi awukapheli. Sifuna ukulunqoba lolu chungechunge, okusho ukuthi kufanele siwunqobe nomdlalo wesibili. Siyazi bazobuya nomfutho othe xaxa, nathi kuzofanele sinyuse izinga.
“Sibonile nakulo mdlalo ukuthi balwe kangakanani futhi bebenalo ithuba lokuwunqoba. Abazange bayivume induku kwaze kwaba isekugcineni. Bayiqembu eliyingozi kakhulu, ngakho-ke umdlalo wesibili uzoba nzima futhi.”
AmaBhokobhoko ne-Ireland bazophinde badudulane eHollywoodbets Kings Park, eThekwini, ngomgqibelo ngo-5 ntambama.
U-Erasmus uthe umdlalo wokuqala ubanike isithombe esingcono mayelana nezinto okumele bazilungise nalezo abazenze kahle.
“Womabili amaqembu kukhona akwenze kahle kodwa futhi kukhona la abexega khona. Bekubonakala ukuthi bona sebeke badlala ndawonye kwiSix Nations kanti thina kade sagcina ukuhlangana,” kusho u-Erasmus.
“Kukhona lapho senze khona ezibukwayo kodwa futhi kukhona lapho sibhacaze khona, okusho ukuthi kufanele sithuthuke. Ngeke ngiyikhulumele kakhulu i-Ireland kodwa iyiqembu eliqinile futhi izobuya isingcono emdlalweni olandelayo.
“Emidlalweni emithathu noma emine edlule esiyidlale nabo besihlukaniswa amaphuzu ambalwa, ngakho-ke kuyasijabulisa ukuthi sikwazile ukubanqoba ngamaphuzu ayisikhombisa kulokhu.”
AmaBhokobhoko azophinde abhekane nePortugal eBloemfontein ngoJulayi 20 ngaphambi kokuqala iRugby Championship ngo-Agasti.