UMA ukhuluma noSiyabonga "Nsimbi" Sangweni ngebanga alihambile ebholeni elikhokhelayo, uthi usazibuza ukuthi njengoba akhulela emakhaya, eDondotha, eMpangeni, wayelithatha kuphi leli themba elingaka, lokuthi ngelinye ilanga uyogcina edlalela i-Orlando Pirates noma iKaizer Chiefs.
Uhleka yedwa njengoba ngeledlule uMnyango wezeMidlalo noMasipala uMfolozi bebevula ngokusemthethweni inkundla yezemidlalo eqanjwe ngaye, iSiyabonga Sangweni Sports Complex.
Engxoxweni Isolezwe Ngempelasonto elibe nayo noSangweni owazakhela igama kwiLamontville Golden Arrows nakwiPirates, uveze ukuthi ibhola into yakubo.
Kuzokhumbuleka ukuthi nomfowabo, uThamsanqa, wake wadlala emaqenjini amakhulu anjengayo iPirates, AmaZulu, Mamelodi Sundowns namanye. USangweni oshadelwe uMaMkhwanazi waseMtubatuba, uthe bazalwe kubo kunamaqembu ebhola, iRoyal Chiefs neGolden Chiefs asungulwa ngoyise.
Njengoba ebaziwa ngesitobha ebesivala kwasani, uthe esakhula ubedume ngokwenza izimanga esiswini naphambili.
Lokhu kwaholela ekutheni ateketiswe ngegama elithi, ’Washelela, imali yamaMpondo.’ Ukudlala kahle, uthe kwaholela ekutheni asayiniswe iBongani FC, eyayidlala kwiVodacom League eseyaziwa nge-ABC Motsepe League.
USangweni owawagaxa emgibeni amakhokho ngo-2016 ngenxa yokuhlushwa idolo, uqhube wathi nasesikoleni, eMgezeni High School, eNtambanana khona eMpangeni, wayegila izimanga.
Udalule ukuthi ukuze ayofunda kulesi sikole washelwa uThami Mchunu osengumengameli weKZN Sports Confederation. UMchunu wayenguthishanhloko ngaleso sikhathi. Amabanga aphansi wawafunda eThembalimbe Primary School, khona eDondotha.
USangweni owadlala kahle nakwiBafana Bafana, uthe kwenzeka lokhu nje, ikhona le nto ebilokhu imtshela ukuthi ngelinye ilanga uyodlala esigabeni esikhulu kwiPirates noma kwiChiefs.
"Angazi ukuthi leli themba laliqhamuka kuphi. Yebo ngisakhula nganginekhono. Nokho baningi nabanye abadlali ababenekhono emakhaya, abagcina bephelela obhuqwini. Angazi-ke le eyokuzibona ngidlala kwiChiefs noma kwiPirates yayifika kanjani kumfana wasemakhaya, eDondotha.
“UNkulunkulu wayenezinhlelo ngami. Ngibonga kakhulu kobaba abasizalayo ngokusungula la maqembu. Inkundla abayakha seyiyisithabathaba. Yakhiwe endaweni yakwaSangweni yaphinde yaqanjwa ngegama lendodana yabo. Ngibonga kakhulu nakubantu abafana nobaba uMchunu owakholelwa kumina ngingelutho," kubeka uSangweni, osenenkampani yonogada, i-Amahlo Security Services.
Uqhube wathi ngaphambi kokuthi uyise adlule emhlabeni ngo-1996, wayehlala ethi ufisa adlalele iChiefs.
Uthe ngempela ngo-1999, eneminyaka ewu-18, wajoyina inkulisa yayo.
Efa insini, uthe akahlalanga isikhathi eside kuyo, weqa ebusuku.
"Kwasekuphele isikhathi eside ngihlupha ubaba omncane, uJomo ukuthi angiyise kwiChiefs. Kwathi uma kuvela ukuthi izoba nenhlolokhono wangihambisa khona. Abaqeqeshi bangihlola emidlalweni embalwa, bachazeka. Kule nkulisa ngahlala izinyanga ezimbili ngeqa. Sasidlala noJabu Pule (osebiza isibongo sakwaMahlangu), Nhlanhla Kubheka nabanye. Ngacela ubaba, uMshazi owayephethe iBongani FC ukuthi bazongilanda. Ngempela bafika bangintshontsha ebusuku. Ulwazi kahle lolu daba uBobby Motaung ( oyimenenja yeChiefs). Ngangicikwa ukuthi iChiefs yayisinika u-R200, ithi asithenge insipho nokunye. Ngasekhaya kwakunamaqembu ayengithembisa u-R1500 ngenyanga. Ngabona ukuthi ngizokwazi ukusiza ekhaya njengoba ubaba wayengasekho emhlabeni nomama engasebenzi."
USangweni uthe wabuyela esikoleni eMgezeni. Wabonwa khona iNathi Lions, kaNathi Maphumulo, eyayidlala kwiNational First Division (NFD). Uthe isikole sabo sasidlalela eMandeni.
Akahlalanga isikhathi eside kuMabhubesi (Lions).
Uveze ukuthi watshelwa ukuthi usezodlala kuMaZulu.
Ehleka uSangweni, uthe uRocky Madlala oweyengusihlalo we-Arrows waluhambela phambili uSuthu.
"Ngikhumbula kahle, ngangizosayina ngoMsombuluko kuMaZulu. NgoLwesihlanu, uMadlala wavele wahlela umdlalo wobungani phakathi kweLions ne-Arrows. Kwathi uma kuphela umdlalo wangisayinisa. UMadlala wayefana naye ubaba uThami Mchunu. Babe nalo iso lokubona umdlali onekhono," kuqhuba uSangweni, othe washaya igoli emdlalweni wokuqala i-Arrows ibhekene neDynamos.
Uveze ukuthi igama elithi Nsimbi waliqanjwa umqeqeshi uNgcebo "Malombo" Sibiya .
"Sasidlala neVasco Da Gama, eCape Town. Kwakungabuyi lutho eKapa. Kulowo mdlalo ngangingafuni lutho emuva. Ngemuva komdlalo umqeqeshi uNgcebo wathi cha mfana uyinsimbi.“
Ezinsukwini ezedlule leli phephandaba lisanda kubika lapho uSangweni eveza ukuthi ngaphambi kokujoyina iPirates ngo-2011, waqale wasayina inkontileka eyisibambiso kwiChiefs. Lokhu kwenzeka ngo-2010.
Le nkakha eyayiba ukaputeni lapho ifika khona, ithe iyazigqaja ngokuthi yafika kwiPirates yangavuma ukucwaseka eGoli.
"Angelusanga nabafana baseGoli, ngangingeke ngivume bakhwele ekhanda lami. Ngafika igenge yakhona ihlala yodwa. Abakithi, eKZN babeba iqoqwana le, behlala bodwa. Ngakuqeda lokho. Ngangithi sonke sizosebenza kwiPirates, akekho ongcono.“
Uveze nokwamenza washeshe wangena khaxa esitayeleni seZimnyama nokwenza kahle kwiBafana.
"Ngaba nenhlanhla yokufika kwiPirates sengidlala kwiBafana. KwiPirates ngafica abafana noTeko Modise, Lucas Thwala noMoeneeb Josephs. Kwaba lula ukujwayela. NakwiBafana ngangisizwa ukuthi ngangibuye ngiziqeqeshe nabafana basekhaya. Ngangingalindi umqeqeshi," kuchaza uSangweni othe kubuhlungu ukuthi uyise wadlula emhlabeni engambonanga edlala esigabeni esikhulu nakwiBafana.
Ngaphandle kokuba nenkampani yonogada, uSangweni uthe uphinde ahlele imicimbi. Uthe ngeke umhlukanise namasiko, ukushaya ingoma nenduku.