XOLILE MPISANE
NGEMPELASONTO edlule inhlangano enkulu eyengamele zonke ezemidlalo kuleli, iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), iqoke ibhodi elisha elizohola iminyaka emine.
Leli bhodi linamalungu ayisishiyagalombili kodwa okuqapheleke kakhulu wukuthi abayisihlanu babo ngabantu besifazane.
UBarry Hendricks, uzoqhubeka esikhundleni sokuba ngumengameli bese kuthi amaphini akhe womabili kube ngabesifazane, uLwandile Simelane, noKim Pople.
Abanye besifazane abazoba yingxenye yebhodi uMoekie Grobbelaar, Ilhaam Groenewald, noWendy Gila.
Maphakathi nenyanga edlule, inhlangano eyengamele ibhola elikhokhelayo kuleli iNational Soccer League, iqoke isigungu esisha esiphezulu emhlanganweni omkhulu owenziwa njalo ngemuva kweminyaka emine.
Kwabagcine bezibekisele izindawo kube khona usihlalo weLamontville Golden Arrows, uMato Madlala, nomunye wabaqondisi beMamelodi Sundowns, uRejoice Simelane, okuyibona abesifazane kulesi sigungu.
Nakuba kujabulisa ukuthi akusajwayelekile ukuthi kuqokwe amakomiti noma amabhodi amakhulu ezemidlalo kuleli engekho noyedwa owesifazane, akungabazeki ukuthi izibalo azikakhuphuki ngokwanele uma kubhekwa yonke imidlalo.
Ngokombiko wocwaningo olwenziwa yinhlangano iSport Integrity Global Alliance (SIGA) ngonyaka odlule, isibalo sabesifazane abasezikhundleni eziphezulu kwezemidlalo emhlabeni silinganiselwa kwikota.
Kumakomiti kaZwelonke amazwe angu-206 abeyingxenye yama-Olympic kulo nyaka, kwatholakala ukuthi ayengu-24 kuphela ayeholwa ngabesifazane.
Uma sibuyela kuleli, ucwaningo olwenziwa yiCentre for Sport Leadership eNyuvesi iStellenbosch ngonyaka odlule, lwathola imiphumela ecishe ifane uma kukhulunywa ngabesifazane abasezikhundleni zobuholi kwezemidlalo eNingizimu Afrika.
Amakomiti namabhodi angamele imidlalo emithathu ethandwa kakhulu kuleli, unobhutshuzwayo, umbhoxo, nekhilikithi, akhombisa ngokusobala ukuthi luselude ukhalo okusamele luhanjwe mayelana nokufakwa kwabesifazane ezikhundleni ezithatha izinqumo.
ISouth African Football Association (Safa) inabesifazane abane esigungwini esiphezulu esinamalungu angu-21. I-SA Rugby inabahlanu kwabangu-14, kanti iCricket South Africa inabababili kwabangu-15.
Nakuba isibalo sikhuphukile uma kuqhathaniswa nesango-2019 kodwa kusekuningi okungenziwa ukuze siqhubeke nokwanda.
“Kuyiqiniso ukuthi siyakhuphuka isibalo sabesifazane ababambe iqhaza ebuholini kwezemidlalo. Ngabe lokhu yikhona okungcono kakhulu esingakwenza? Cha. Isimo asikho sihle kwezinye izihlangano. Kungcono kodwa kusekude phambili,” usho kanje uPople, osanda kuqokelwa ebhodini leSascoc.
“Okuhle ukuthi luyakhulunywa lolu daba. Zikhona nezinhlelo zokuhlomisa abesifazane ngamakhono adingekayo ukuze bahole kwezemidlalo. Kusemqoka ukuthi kuqhubeke lokhu ngoba abantu besifazane bangenza umehluko uma benikwa amathuba okuhola kwezemidlalo.
“Kumele ngigcizelele ukuthi singabantu besifazane kwezemidlalo siyakudinga ukwesekwa ngabesilisa ngoba akukho esingakwenza sodwa. Asifuni ukufakwa ngoba kugcinwa icala kodwa kufanele sikwazi ukuthatha izinqumo.”
Amazwi kaPople ahambisana nocwaningo lwaseStellenbosch, olwathola ukuthi abanye besifazane abafakiwe ezikhundleni bavame ukubukelwa phansi, bashiwe ngaphandle emihlanganweni ebalulekile.
UPople, ophinde abe ngumengameli weCanoeing SA, ungomunye wabambalwa besifazane abayizinhloko zezinhlangano zezemidlalo kuleli. Omunye ogqamile ngumengameli weNetball South Africa, uCecilia Molokwane.
Yize iNingizimu Afrika inezinqubomgomo ezikubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kwabesifazane kodwa akukenzeki ngesivinini esifanele. Ukwandisa abaholi besifazane kwezemidlalo kuleli nasemhlabeni jikelele kungaba yigxathu elibalulekile elingayisa imidlalo yabesilisa neyabesifazane phambili.