LIGQABUKILE igoda phakathi koThongathi FC nomqeqeshi uSimo Dladla ngemuva kwemidlalo emine kuphela kuqale isizini yeMotsepe Foundation Championship.
Ukushiya kwalo mqeqeshi kumangazile kwazise leli qembu libalwa namanye asayiqale kahle le sizini ka-2022/2023 yeMotsepe Championship njengoba kumanje lisendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo emine esadlaliwe yalesi sigaba.
Yize kuvela ukuthi ukhonjwe indlela uDladla futhi kungacaci ngesizathu okuyisona esiholele ekushiyeni kwakhe, kodwa ngenkathi Isolezwe lithinta uMakhosonke Mhlongo oyimenenja yaleli qembu, uthe lo mqeqeshi akaxoshwanga kodwa “kuhlukwane ngesihle” njengoba lo umqeqeshi kunguyena ocele ukukhululwa.
“Akaxoshwanga umqeqeshi (Dladla), kuhlukwane kahle ngesihle. Yilokho engingakusho okwamanje, ngicela nilinde isitatimende seqembu esizokhishwa yiqembu maduzane nje,” kushaya ngamafuphi.
Lesi sikhulu sikuqinisekisile ukuthi uDladla ushiye nephini lakhe lokuqala, uMacBeth Sibaya. Sathi uPhilani Shange obeyiphini lesithathu likaDladla, noThemba Masango, yibona abazobamba okwamanje.
UDladla osengumakadebona ekuqeqesheni esigabeni seMotsepe Championship, ujoyine uThongathi ngaphambi kokuqala kwale sizini, evala isikhala sikaPapi Zothwane oshiye kuleli qembu ngemuva kokuphela kwesizini edlule.
Umdlalo olandelayo weThe Cane Cutters izowudlala ekuhambeni ne-All Stars, eTsakane Stadium, eGoli, ngo-Okthoba 1.