KONKE sekusele ezandleni zamalungu ekomiti elibhekene nezobuchwepheshe (technical committee) ngaphansi kweSafa (South African Football Association), ekuthatheni isinqumo esingujuqu ngegama lomqeqeshi ozoqeqesha iBanyana Banyana ngokugcwele.
IBanyana ibiqeqeshwa nguDesiree Ellis, ngemuva kokuphela kwesivumelwano sokusebenza neSafa sikaVera Pauw.
Ngokusho kukaNatasha Tsichlas, ohola ithimba ebelihlwaya umqeqeshi sebekwenzile konke obekubhekwe kubona njengethimba ebelijutshelwe ukwenza lo msebenzi.
“Sesibahlolile abaqeqeshi abathathu okumele kuphume kubona umqeqeshi nephini lakhe. Ngingasho ukuthi omunye uqhamuka eSweden kanti omunye kube ngowase-Italy. Nakuba laba abanye ngingeke ngabagagula kodwa owesithathu nguDesiree Ellis waseNingizimu Afrika,” kusho uTsichlas.
Ephawula ngoDesiree uthe ngokwakhe uDesiree (Ellis) bekufanele anikezwe umsebenzi ngenxa yokwenza kahle emqhudelwaneni weCosafa obuseZimbabwe.
“Ngokwami ngifisa uDesiree (Ellis) anikezwe umsebenzi kodwa konke kulele kwikomiti elibhekene nalokho. Ngizokwenza isiphakamiso sokuthi awunikwe yena lo msebenzi.
“UVera (Pauw) ufike lapha wabekelwa imibandela angakwazanga ukuyifeza.
“Omunye wayo kwakungowokuthuthukisa abaqeqeshi abasafufusa okuyinto angazange ayenze waze wahamba,”kusho yena.
Mayelana nombandela ozobekelwa umqeqeshi omusha uthe awukho omunye ngaphandle kokuthi aphinde afinyelele esigabeni seNdebe yoMhlaba ezokuba seFrance ngo-2019.
“Uzonikezwa imibandela emithathu umqeqeshi okufanele aqinisekise ukuthi iyenzeka. Kufanele sibe khona kweyamanqamu eNdebe yoMhlaba eFrance ngo-2019, aphinde aguqule iBanyana ngokuthi ibe yiqembu elihlonishwayo e-Afrika. Kufanele elakuleli libe sendaweni ehloniphekile uma kukleliswa amazwe."
Ephendula umbuzo ngokuthi kuyokwenzekani ngoDesiree uma engaliboni elidlalayo uthe uyohlale ekhona ezinhlakeni zeBanyana.
“Akungatshazwa ukuthi uDesiree uzoqhubeka nokuba yingxenye yeBanyana noma ngabe kunjani. Uzoqhubeka nokuba yiphini lomqeqeshi uma engaphumelelanga ekuthatheni esomqeqeshi ngokugcwele,”kusonga uTsichlas.
Le nkulumo kaTsichlas ivumelana nokwashiwo ngumengameli weSafa uDanny Jordaan, owathi nakuba engawuthatha lo msebenzi kodwa besaba ukuthi uma izinto zingasahambi kahle uzozithola esengaphansi kwengcindezi bese bephoqeleka ukuthi bamxoshe kanti basafuna nokuqhubeka nokumcathulisa kulo mkhakha kuze kube kuqina ukhakhayi