Limoyizele okokuqala ngemuva kwesikhathi eside ithimba labaqeqeshi beHollywoodbets Sharks kulandela ukunqoba kwalo iqembu laseFrance, i-Oyonnax, ngo 38-7 emdlalweni weChallenge Cup obuseHollywoodbets Kings Park, ngempelasonto.
Ukunqoba lo mdlalo kuqede ishobolo lesibhaxu esitholwe yileli qembu emidlalweni emithathu ilandelana kwaphinde kwaqinisekisa ukuthi selizibekisele indawo emzuliswaneni womkhumulajezi, kwiLast 16, njengoba selinamaphuzu angu-12 emidlalweni emithathu.
Lingene enkundleni engekho umqeqeshi uJohn Plumtree, ocele ukubuyela kwelakubo eNew Zealand, okwesikhashana ukuze ayobhekana nokuthile okuthinta umndeni wakhe.
Kulindeleke ukuthi lo mqeqeshi angabibikho nasemdlalweni olandelayo neDragons, aze abuye uma sebezobhekana neStormers ngenyanga ezayo.
Izintambo beziphethwe yiphini lakhe, uDavid Williams, elekelelwa ngumqondosi wezombhoxo kuleli qembu, uNeil Powell.
Yize kusheshe kwacaca ukuthi i-Oyonnax ayikho ezingeni lamaqembu ahamba phambili e-Europe kodwa kubajabulisile abeSharks ukubona iqembu labo lishaya ama-try ayisithupha, lathola nephuzu elengeziwe.
Isikhondlakhondla esidlala phambili, u-Ox Nche, sishaye amabili, kanjalo nenyamazane uMakazole Mapimpi, kwathi ukaputeni uLukhanyo Am noLappies Labuschagne bashaya eyodwa umuntu ngamunye.
UCurwin Bosch uwakhahlele wawabeka phakathi ama-conversion amane, wageja amabili.
I-try yokubika yezivakashi ibekwe ngu-Adrien Bordenave, i-conversion yashaywa ngu-Justin Boraux.
“Okuhle kakhulu wukuthi siwunqobile umdlalo. Yinto ebesiyidinga kakhulu leyo. Asidlalanga umdlalo ongenasici kodwa yisisekelo esingakhela phezu kwaso emdlalweni olandelayo,” uphawule kanje uPowell.
“Besazi ukuthi ngeke sidlale neqembu le-Oyonnax eliqinile, bebengathumela isikwati esingcono, ngakho-ke asizikhohlisi ngokuthi sishaye iqembu labo langempela. Kodwa-ke besiwudinga lo mphumela.
“Sivale kahle emuva kodwa ngicabanga ukuthi kwezinye izikhathi besingathatha izinqumo ezingcono mayelana nokuthi kufanele sikhahlele nini nokuthi sigijime nini. Siphoxekile ngokuthi siphinde sahluleka ukugcina ibhola ezandleni ngendlela efanele uma sihlasela. Okunye okumele sithuthuke kukhona emdlalweni ozayo ukuziphatha ngendlela kwabadlali enkundleni.
Inhloso yethu bekuwukulungisa amaphutha esiwenze ngempelasonto edlule lapho sishaye khona udaka esiwombeni sesibili, sawulahla kanjalo umdlalo. Into ebesiyibheke kakhulu kuwona ukuthi sibuyele endleleni efanele, sikukhohlwe konke osekudlulile.
“Siyethemba ukuthi sizoqhubeka nokunyusa igiya emdlalweni olandelayo ngaphambi kokuthi sibhekane neStormers ngenyanga ezayo.”
ISharks izobhekana neDragon eWales emdlalweni weChallenge Cup ngeSonto ebusuku, bese ihlaba ikhefu elide ngaphambi kokutholana phezulu neStormers kowe-United Rugby Championship ngoFebhuwari 17.