ABALANDELI bombhoxo bakubheke ngabomvu ukubuya kwenyamazane u-Aphiwe Dyantyi, esihlale iminyaka emine ingadlali ngenxa yokumiselwa ukusebezinsa izikhuthazi.
UDyantyi ufakiwe eqenjini leHollywoodbets Sharks, elizoqala isizini entsha ye-United Rugby Championship (URC) phesheya kule mpelasonto.
Ngo-Agasti ka-2019 inhlangano eqaphe ukusetshenziswa kwezidakamizwa nezakhamzimba ezingavumelekile kwezemidlalo, iSouth African Institute for Drug Free Sport (Saids), yaveza ukuthi yathola izikhuthazamzimba ezingavumelekile egazini likaDyantyi.
Ngokujwayelekile abadlali basebezinzisa lezi zikhuthazamzimba ukukhulisa amamasela abo ngendlela esheshayo. KuDyantyi kwatholakala i-metandienone, methytestosterone neLGD-4033 (ephinde yaziwe ngeLigandrol).
Kwathi noma lo mdlali esecela ukuba igazi lakhe lihlolwe okwesibili, kwanhlanga zimuka nomoya njengoba iSaids yaphinde yakhipha esinye isitatimende ithi ithole okufanayo nasocwaningweni lwesibili.
Ngenxa yalokhu akabange esafakwa eqenjini lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019.
Kuningi okwakulindelwe kulo mdlali owayegijima kwi-Lions ngaleso sikhathi kwazise wafika kwazwakala eqenjini lesizwe ngo-2018 eshaya ama-try ayisithupha emidlalweni engu-13, wagcina eqokwe waba ngumdlali omusha ovelele emhlabeni, ethola indondo yeWorld Rugby Breakthrough Player of the Year.
I-Sharks iqinisekisile ngoJuni ukuthi lo mdlali uzogijima kuyona uma sesiphelile isigwebo. Kungenzeka imsebenzise njengoba izodlala owokuqala we-URC neMunster eThomond Park e-Ireland iLimerick ngo-6.15 ntambama.
UDyantyi uyingxenye yabadlali abane abasha abasayinisiwe yileli qembu elicijwa nguJohn Plumtree. Abanye ngomakadebona uCoenie Oosthuizen noFrancois Hougaard nomdlali osemncane uGeorge Cronje.
"Kuyasijabulisa ukubuya komdlali ofana naye. Nathi sisebasha kuleli qembu. Yiqiniso ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi abuyele ezingeni lakhe njengoba sekuneminyaka agcina ukudlala. Kuke kubonakale lokho uma iqembu lizilolonga,” kusho umqondisi wezombhoxo kwiSharks, uNeil Powell.
“Sijabule ngekhono lakhe futhi naye uzimisele ukuletha okuningi kuleli qembu, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla. Ungumholi futhi uzimisele ukulwela indawo yakhe eqenjini.
Sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi uzothuthuka kangakananani kule midlalo embalwa ezayo.”
AmaSharks azophinde adlale neLeinster yakhona e-Ireland, i-Ospreys yaseWales neZebre yase-Italy ngaphambi kokubuyela kuleli.
U-Powell uthe nakuba kunzima ukuqala isizini ekuhambeni kodwa banethemba lokuthi kukhona abazokuthola ngaphambi kokuthi bazodlala enkundleni yabo.
Iqembu leSharks elizoya phesheya kwezilwandle:
Abaphambili: Coenie Oosthuizen, Corne Rahl, Dan Jooste, Dian Bleuler, Dylan Richardson, Emile van Heerden, George Cronje, Hanro Jacobs, James Venter, Kerron van Vuuren, Khwezi Mona, Ntuthuko Mchunu, Phepsi Buthelezi, Reniel Hugo, Sikumbuzo Notshe, Vincent Tshituka.
Abasemuva: Aphelele Fassi, Aphiwe Dyantyi, Boeta Chamberlain, Cameron Wright, Curwin Bosch, Francois Hougaard, Francois Venter (c), Marnus Potgieter, Mthokozisi Mkhabela, Murray Koster, Rohan Janse van Rensburg, Werner Kok.