UKHOMISHANA wamaPhoyisa kuZwelonke, uGeneral Fannie Masemola usedalule ukuthi kunamaphoyisa angu-200, azobamba iqhaza kwi-96th Comrades Marathon, ezokuba isuka eMgungundlovu iza eThekwini, kusasa.
UGeneral Masemola ufisele lamaphoyisa okuhle kodwa nokugijima okungenazihibe.
“Emaphoyiseni angu-200 azongenela lo mncintiswano, angu-170 angamadoda kuthi angu-30 kube awabantu besifazane. Siyakukhuthaza ukuthi amaphoyisa ahlezi eqeqeshekile futhi ondlekile nangokomqondo,” kuchaza uMasemola.
Uphinde waveza ukuthi njengombutho banezinhlobo ezehlukene zezemidlalo, ezilinganiselwa ku 21, kuhlanganisa nazo ezokusubatha, ibhola lombhoxo, ibhola lezinyawo nokunye. Lena indlela abagqugquzela ngayo amaphoyisa ukuthi azigcine esesimweni esikahle ngokomzimba.
ULt, General Nhlanhla Mkhwanazi ongukhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal uthe, amaphoyisa aseqalile ukubonakala kanti futhi izobe ikhona nendiza enophephela emhlane, ezoba ibheka konke okwenzakalayo. Uveze ukuthi zikhona nezinye izinhlaka abazobambisana nazo kusuka eMgungundlovu kuza eThekwini, ubale amaphoyisa kamasipala, izinkampani zokuphepha ezizimele nabanye, athe cishe bangu 3000 abazobe besebenza kusasa. “Seseka bonke abazokube bebambe iqhaza kulo mncintiswano wakulonyaka, sibafisela inhlanhla ,” kuphetha uMkhwanazi.