INHLANGANO eyengamele ibhola lombhoxo kuleli, iSouth African Rugby (SA Rugby), isiqinisekise izinguquko ethimbeni labaqeqeshi beqembu lesizwe labesifazane lombhoxo nelabesilisa lika-Under-20.
Umqeqeshi omnkantshubomvu, uSwys de Bruin, useyingxenye yethimba labaqeqeshi beqembu elikhulu labesifazane njengoba eseqokwe njenge-Performance Coach.
Useqeqeshe iminyaka kuleli emaqenjini afana neSharks neLions. Uke wasebenza njengomeluleki ethimbeni labaqeqeshi bamaBhokobhoko.
Owayengukaputeni weSpringboks Sevens, uKevin Foote, usezocija iqembu labesilisa lika-Under 20, amaJunior Springboks. Iphini lakhe kusazoba nguLumumba Currie, obevele ekulesi sikhundla.
UFoote uhlale iminyaka eminingi e-Australia eqeqesha amaqembu akhona okubalwa iWestern Force, Perth Spirit neMelbourne Rebels.
UBafana Nhleko, obepheka amaJunior Springboks eminyakeni emine edlule, usezosebenzisana noDe Bruin eqenjini labesifazane.
Bazosizwa uFranzel September noLaurian Johannes-Haupt, abebevele besebenza ngaphansi komqeqeshi obebambe izintambo, uLouis Koen.
Isikhulu esiphezulu kwiSA Rugby, uRian Obelholzer, sithe lezi zinguquko ziyingxenye yezinhlelo zokuthuthukisa wonke amaqembu esizwe akuleli ombhoxo.
“Sizinikele ekuthuthukiseni umbhoxo wabesifazane, hhayi iqembu lesizwe kuphela kodwa nasemazingeni aphansi. Umqhudelwano ozayo weWXV 2 kanye nokubamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo kuzowukhulisa umbhoxo wabesifazane. Sikholwa nawukuthi ulwazi nobungcweti bukaSwys kuzokwenza iqembu lidlale kangcono enkundleni,” kusho u-Obelholzer.
“UBafana ngumqeqeshi onesipiliyoni. Sibone ukuthi sekuyisikhathi sokuthi asebenzise amakhono akhe eqenjini lesizwe elikhulu. Siyamhlonipha kakhulu njengomqeqeshi futhi kade zaqala izingxoxo naye mayelana nokudlulela emdlalweni wabesifazane. Yena noSwys bazana kahle futhi sinesiqiniseko sokuthi bazoliyisa phambili iqembu lethu bebambisene noLaurian benoFranzel.
“UKevin naye uzofika nolwazi oluningi njengoba eseqeqeshe kuwo wonke amazinga kulandela ukuphanyeka amakhokho akhe. Njengoba ake adlala kumaBlitzbokke uyazi ukuthi yini elindelwe kuleli zinga. Luningi ulwazi alutholile e-Australia kule minyaka eyishumi edlule emaqenjini afana neWestern Force kanye neMelbourne Rebels.”
AmaBhokobhoko esifazane akleliswe endaweni ka-12 emhlabeni kanti ama-Junior Boks aqede endaweni yesikhombisa kwi-World Rugby Under-20 Championship ngenyanga edlule.
U-Obelhozer uthe basazoqhubeka nokuqasha abantu abahlukene njengoba behlose ukuthi wonke amaqembu esizwe ombhoxo akleliswe endaweni engcono emhlabeni futhi alwele izindondo emiqhudelwaneni emikhulu.