BAHLALELE ethembeni lokuthola amaqembu abadlali osekuphele izinyanga bechithwa kwiDStv Premiership.
Nakuba iPremier Soccer League (PSL) ingakamemezeli ngokusemthethweni ukuvulwa kwewindi lokubhalisa abadlali abasha kodwa akubuzwa ukuthi amaqembu asemi ngomumo ukuqinisa izikwati zawo njengoba kuwuJanuwari.
IMamelodi Sundowns isivele imemezele ukuthi isisayinise uZuko Mdunyelwa obegijima kwiChippa United. Abadlali abebesibheke ngabomvu lesi sikhathi yilabo abajika nelanga emva kokuchithwa ngamaqembu ahlukene ekupheleni kwesizini edlule.
Laba badlali alibavaleli iwindi kwazise abanazo izinkontileka kodwa sekuze kwashaya lesi sikhathi abanye bawo bengawatholile amaqembu. Kulaba badlali kukhona uGift Mothupha ohlukane neMamelodi Sundowns, Ntsikelelo Nyauza ochithwe yiRichards Bay FC, Alfred Ndengane obeyibamba kwiMaritzburg United, Lehlohonolo Majoro ogcine ukudlala kuMaZulu noNkanyiso Zungu oxoshwe yiRichards Bay ezinyangeni ezedlule, ekade ebolekiswe yi-Orlando Pirates.
Kubadlali abangenawo amaqembu kukhona nabangakamemezeli ukuthi sebewaphanyeka emgibeni amakhokho kodwa abangabonwa kwi-PSL, okunguSiphiwe Tshabalala, Tshepo Masilela, Khama Billiat, Philani Zulu, Erick Mathoho noHappy Jele okuvela ukuthi kungenzeka anikwe umsebenzi kwiPirates.
Nakuba abadlali bekhathazekile ngokuthola amaqembu kodwa umthwalo usemahlombe ezimenenja zabo ezibafunela umsebenzi. Abadlali abasuke bengenawo amaqembu bajwayele ukucoshwa ngewindi likaJanuwari, ikakhulukazi ngamaqembu avika azembe, alinyalelwe yizethenjwa nasebonile ukuthi ayaxega ezindaweni ezithize.
UNyauza uthe imenenja yakhe, uMike Makaab, kukhona lapho imzamela khona.
“Imenenja yami iphezu kwakho ukuthi ngithole iqembu. Bakhona ekhuluma nabo kodwa ngiyitshelile ukuthi ngisafuna ukuba sekhaya nomndeni wami kancane. Kungcono ngoba kukhona okuqhamukayo.
Ngizozwa ngemenenja yami ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNyauza.
Amaqembu okulindeleke ukuthi angene agxile emakethe yiCape Town Spurs esemsileni we-log yePremiership neRichards Bay, esendaweni ka-15.
I-Bay isivele ikuqinisekisile ukuthi ifuna umgadli, umdlali wasesiswini nowasemuva.
I-Spurs esawine kanye selokhu yenyukele kwiPremiership, ithungatha abagadli nomdlali wasemuva abazoyisiza ixebuke emsileni we-log ngokushesha. Isingenelwe ngamagoli angu-33, yashaya angu-11 emidlalweni engu-16.
Imenenja yeSpurs, uShoes Mekuto, ithe abayingeni eyabadlali abangondingasethebeni, akhona amagama abadlali asebelinde ukuwahambisa emahhovisi e-PSL.
“Kusho ukuthi kunenkinga ngalaba badlali njengoba kungekho amaqembu abathathayo. Thina asikho ebhizinisini lokuqasha abantu. Siyasebenza. Uma sizobutha nje abadlali, kuzosilimaza lokho.
Abadlali esizobasayinisa kufanele kube ngabafunwa ngumqeqeshi (Ernst Middendorp). Iwindi likaJanwari liyinkinga ngoba lincika ekutheni amaqembu ayavuma yini nabadlali,” kusho uMekuto.
Phezu kokuba uMekuto eyichitha eyokusayinisa abadlali abajika nelanga kodwa kungenzeka agcine sebekhalela kubona ngenxa yesipiliyoni sabo.
I-Spurs inemidlalo engu-14 okumele icacise ngayo ngamathuba okuhlala kwiPremiership enyuselwe kuyona ekuqaleni kwesizini. Akubuzwa ukuthi abadlali abaningi abangenawo amaqembu balinde ucingo oluqhamuka kwiSpurs okwaziwayo ukuthi ibhekene nobunzima.
Ukuthi uMazinyo uzogcina ekhalela kubona, kuzocaca ngokuhamba kwamasonto.