UKULIMALA sekuphoqe omunye umdlali wamaBhokobhoko, uSteven Kitshoff, ukuthi awagaxe emgibeni amakhokho.
Lo mdlali (33) ulimale emqaleni edlalela iWestern Province emdlalweni weCurrie Cup nyakenye.
Yenziwe imizamo yokuthi abuyele enkundleni ngesikhathi ehlinzwa, kuzanywa ukuthi kuhlanganiswe ithambo elisemqaleni nelokuqala lomgogodla kodwa odokotela bagcine bemluleke ukuthi awushiye umbhoxo.
“Ukudlala ibhola lombhoxo kube yimpilo yami kusukela ngisemncane futhi ngaba nenhlanhla yokufeza iphupho labafana abaningi lokudlalela amaBhokobhoko kanye neDHL Stormers,” sifundeka kanje isitatimende esikhishwe nguKitshoff.
“Kuyadumaza ukuthi ngiyeke ukudlala ngale ndlela kodwa kufanele ngicabangele impilo yami. Bengifisa ukuthi ngibuyele enkundleni ngiyodlalela iDHL Stormers kodwa ngeshwa ngeke kusenzeka.”
UKitshoff waqala ukudlalela iWestern Province neStormers ngo-2011, wanqoba amaCurrie Cup amabili naleli qembu laseKapa. Ngo-2015, walishiya wayodlalela elaseFrance, iBordeaux, wabuyela kwiStormers ngo-2017.
Uyena owayengukaputeni ngesikhathi iStormers inqoba isicoco se-United Rugby Championship ngo-2022.
Ujoyine iqembu lase-Ireland, i-Ulster, ngesizini ka-2023/24, waphinde wabuyela kwiStormers ekupheleni kwayo.
Waqala ukudlalela amaBhokobhoko ebhekene ne-Ireland ngo-2016. Ubesedlale imidlalo engu-83 eqenjini lesizwe kanti wayekhona ngesikhathi linqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019 nango-2023.
“UKitshoff yindoda eqotho. Bonke ozakwabo nabaqeqeshi bebemhlonipha ngenxa yokuzikhandla kwakhe, ukwenza konke okusemandleni enkundleni nokuzithoba kwakhe,” usho kanje umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
“Uyohlezi ekhunjulwa njengeqhawe nesibonelo esihle sokuthi kusho ukuthini ukuba ngumdlali wamaBhokobhoko. Simfisela inhlanhla njengoba eqala isahluko esisha empilweni yakhe.”
Omunye umdlali owake wadlala eqenjini lesizwe, uRaymond Rhule (32), umemezele ngesonto eledlule ukuthi usewabeke ethala ngenxa yokulimala edolweni.