INKAKHA yeHollywoodbets Sharks, uJP Pietersen, iyona ezohola ithimba labaqeqeshi elizocija iHollywoodbets Sharks emizuliswaneni yokuvula iCarling Currie Cup yanonyaka.
ISharks izovula iCurrie Cup ngoLwesihlanu ngo-5.15 ntambama ngokubhekana neFidelity ADT Lions eHollywoodbets Kings Park.
UPietersen, obeyiphini lomqeqeshi ngesizini edlule, uthathe izintambo kuJoey Mongalo oseyibambe eqenjini elikhulu elidlala emiqhudelwani yaphesheya ngaphansi kukaJohn Plumtree.
Ngesizini edlule iSharks yawashiswa ijezi yi-Airlink Pumas kowandulela owamanqamu. Indebe yathathwa yiToyota Cheetahs, iyiphuca iPumas ngo 25-17 kowamanqamu.
ISharks yagcina ukuba ngompetha beCurrie Cup ngo-2018 ngokunqoba iWestern Province ngo 17-12 ekuhambeni. UPietersen wawunqoba kabili lo mqhudelwano neSharks esengumdlali ngo-2008 nango-2010.
Umqondisi wezombhoxo kwiSharks, uNeil Powell, uthe ngasekupheleni kweCurrie Cup bazobuyisa iqembu elikhulu elizobe lilungiselela isizini entsha ye-United Rugby Championship.
“Yithuba elihle lokuthi sihlole abadlali abasebancane, sibone ukuthi sebengakwazi yini ukukhuphukela ezingeni le-URC,” kusho uPowell.
“UJP nethimba lakhe labaqeqeshi yibona abazopheka iqembu emidlalweni eyisishiyagalombili yokuqala. Imidlalo elandelayo sizoyisebenzisela ukulungiselela i-URC.
“Abaqeqeshi neqembu lika-Under-21 bazobe sebeyodlala emqhudelwaneni wamaqembu amancane bese kungena iqembu elikhulu nabaqeqeshi balo ngasekupheleni kweCurrie Cup.”
ICurrie Cup ihlelwe kabusha kule sizini ukuze kulawulwe isibalo semidlalo. Amaqembu ayisishiyagalombili adlala esigabeni esiphezulu afakwe emaqoqweni amabili.
Kwelokuqala kuqhathwe iToyota Cheetahs, Vodacom Bulls, DHL Western Province neNovaVit Griffons. Kwelesibili kuzodudulana iSharks XV, Airlink Pumas, Fidelity ADT Lions neSuzuki Griquas.
Amaqembu aseqoqweni elilodwa azobhekana kabili, ekhaya nasekuhambeni, bese edlala kanye namaqembu akwelinye iqoqo. Amane azohlanganisa amaphuzu amaningi azodlulela kweyandulela owamanqamu.
Iqembu leSharks elizobhekana neLions
(Abaqalayo) - 15 Hakeem Kunene, 14 Yaw Penxe, 13 Diego Appollis, 12 Murray Koster, 11 Jaco Williams, 10 Lionel Cronje, 9 Bradley Davids, 8 Nick Hatton (ukaputeni), 7 Jannes Potgieter, 6 Tino Mavesere, 5 Reniel Hugo, 4 Coetzee Le Roux, 3 Khwezi Mona, 2 Daniel Jooste, 1 Abraham Reyneke.
(Abasebhentshini): 16 Kerron van Vuuren, 17 Phatu Ganyane, 18 Mawande Mdanda, 19 Reinier Viljoen, 20 Siya Ningiza, 21 Tiaan Fourie, 22 Alwayno Visagie, 23 Muller du Plessis.
Imidlalo yeCurrie Cup yale mpelasonto
Namuhla: 3pm - Griquas v Pumas (Suzuki Stadium, eKimberley), 5.15 pm - Sharks v Lions (Hollywoodbets Kings Park, eThekwini)
Kusasa: 1pm - Cheetahs v Griffons (Toyota Stadium, eBloemfontein)
NgeSonto: 3pm - Western Province vs Bulls (DHL Stadium, eKapa)