I-ORLANDO Pirates isishoda ngesiqongqwane seBidvest Wits neBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo ukuze iphelele.
Lokhu kuvezwe ngowayeyibamba kweZimnyama, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano wakhe ngakubo eDondotha, eMpangeni.
Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kweBucs neClever Boys ngoHlatshwayo.
IPirates isanda kusayinisa abadlali abayisishiyagalolunye. Leli qembu lihlabane ngoMeshack Maphangule, Abel Mabaso, Brilliant Khuzwayo, Vincent Pule, Linda “Figo” Mntambo, Paseka Mako, Asavela Mbekile, Kudakwashe Mahachi noBen Motshwari.
UNsimbi ukholwa wukuthi yize iPirates ikhithize kanje kodwa isishoda ngoHlatshwayo ukuze ifike eyeligi ngo-Agasti 3-4 isihlome iyizingovolo.
Lesi siqongqwane sazakhele udumo ngo-2010/11 ngesikhathi iPirates inqobe izicoco ezintathu amasizini elandelana.
“Sidinga ukuqinisa udonga lwethu lwasemuva. Sidinga umuntu uzothi ngizolifela leli qembu emuva. UHlatshwayo angahlala khaxa kwiPirates. Lapha emuva kudingakala umuntu onenkani. Awukwazi ukuthamba uma udlala phakathi nenkundla emuva,” kuchaza uSangweni ngezwi eliphansi.
IPirates isadonsa kanzima phakathi nenkundla emuva kulandela ukushiya kwezinsika ezifana noRooi Mahamutsa oseyibamba kwiFree State Stars, Lucky Lekgwathi noSangweni.
Leli qembu selizame inqwaba yabadlali okubalwa kubona * -Ayanda Gcaba, Gladwin Shitolo, Happy Jele, Marshall Munetsi noJustice Chabalala kodwa abekho asebeke bakwazi ukwenza ukhonkolo.
UKhuzwayo kubhekwe ukuthi azitike ngejezi ezintini kweZimnyama. Lo nozinti odabuka eMlaza ujoyine iBucs esuka kwiKaizer Chiefs.
UHlatshwayo uqokwe njengomdlali wasemuva ovelele ngo-2016/17. Ungomunye wabadlali abahlale beshaya into ecokeme.
“IPirates idinga isiqongqwane esinedluzula emuva futhi uHlatshwayo uwulolu hlobo lomdlali olungakwazi ukwenza lokho. Uma udlala kuleya ndawo kudingeka insizwa efela enkundleni. Kudingeka indoda ecabanga ngokunqoba ngaleso sikhathi. Indaba yokuthi unamakhadi amathathu uma uthola elinye uzokweqiwa umdlalo olandelayo, yinto ongayifaki emqondweni," kubeka uSangweni.
IPirates ibuye ngamandla, ngesizini edlule iqeda endaweni yesibili. Leli qembu lisabheke ukuqeda ishobolo leminyaka emine leqiwa yizicoco libhekile. IPirates yagcina ukunqoba isicoco (Nedbank Cup) ngo-2014.
“Silindele lukhulu kwiPirates kule sizini ezoqala. Sekuyisikhathi sokuthi bazibhalele elabo ikhasi. Ngesizini edlule bakhombisile ukuthi kukhona okuhle abangakwenza. Kumele basebenze ngokwengeziwe ukuze bezothola isicoco. IPirates ayikufanele ukulokhu ilwela indawo yesibili, “ kusho yena.