UDONSA kanzima phesheya kwezilwandle umdlali obengaconsi phansi kubalandeli, hhayi beKaizer Chiefs kuphela kodwa kubona bonke abathanda unobhutshuzwayo, eNingizimu Afrika.
Lo mdlali, uSiphiwe Tshabalala udlalela iBB Erzurumspor egijima kwiSuper Lig yaseTurkey.
Impelasonto edlule bekungeka-11 lo mdlali owashaya igoli lokuvula iNdebe yoMhlaba yokuqala e-Afrika ngo-2010, eqala umdlalo ebhentshini kodwa agcine engangenanga.
Kusukela eshiye kwiChiefs ngo-Agasti, uShabba (34) usadlale imizuzu engu-216 eTurkey.
Uqhubekile nokwenza kahle uLars Veldwijk akha elinye lamagoli iqembu lakhe iSparta Rotterdam linqoba ngo 3-1 kwi-Almere, okumenza abe umgadli oseshaye amagoli angu-17 wakha amanye ayisithupha emidlalweni engu-29 kwiligi yaseHolland.
Njengenjwayelo uDino Ndlovu uphinde wayibhakuzisa inethi esigabeni esiphakela esikhulu eChina, esiza iqembu lakhe iZhejiang Greentown linqoba ngo 2-1 kwiLava Spring.
Bese kuyigoli lesibili emidlalweni emibili kulo mgadli oshiywe ngaphandle kwiBafana Bafana.
UKamohelo Mokotjo yena okhona kwiBafana, udlale imizuzu engu-82 yize ehlulekile ukusiza beshaywa yiWest Bromwich Albion ngo 1-0. Nakulokhu lo mdlali osebizwa ngoGeneral e-England, uyena obegqamile.
EFrance, uKeagan Dolly noBongani Zungu beMontpellier no-Amiens ngokwahlukana badlale baze baqeda kweyamaqembu abafana abaneminyaka engaphansi kwengu-23. Bobabili bazobe bekhona kwiBafana edlala neLibya ngempelasonto.
ULebohang Phiri weGuingamp udlale kahle kakhulu kule mpelasonto, okwenze namaphephandaba aseFrance aze aba nemibuzo ukuthi ushiywe kanjani kwiBafana. ULebo Mothiba yena okhona kwiBafana ushayele iqembu lakhe iStrasbough igoli, becazelana ngamaphuzu neNimes emdlalweni ophele kungu 2-2.
UThulani “Cream” Serero udlale wonke owezakhe, iVitesse yize ishaywe ngo 3-2 uvela kwiHercales. Lo mdlali weBafana ubegqamile, okuyizindaba ezimnandi kuStuart Baxter. No-Ayanda Patosi osanda kufika kwi-Esteghlal uphinde wawudlala wonke esiza leli qembu linqoba ngo 1-0 kwiNassaji Mazandaran.
Uze wakhishwa sekusele imizuzu emine ukuthi umdlalo uphele uMay Mahlangu, odlala kwi-Ordabasy. Leli qembu asanda kulijoyina ulishayele igoli ngeledlule. Nakuba engayibonanga inethi kulokhu kodwa ube nesandla ekunqobeni kwalo ngo 1-0 kwi-Aktobe ngoLwesihlanu ebusuku.