KUNGENZEKA iHollywoodbets Sharks ithembele kubadlali baphambili abangajwayele ukuqala imidlalo uma isibhekene ne-Emirates Lions kowe-United Rugby Championship ngoMgqibelo.
Lo mdlalo ozoba se-Emirates Airline Park, eGoli, uzoqala ngo-2.30 ntambama.
I-Lions iqunjwe phansi yiVodacom Bulls ngo 31-19 kowakamuva we-URC obuseLoftus Versfeld, ePitoli, ngoMgqibelo.
ISharks igcine iguqise iBulls ngo 29-19 kuyona le nkundla ngoFebhuwari 10, ngaphambi kokuthi ihlabe ikhefu elifushane.
Nakuba iSharks ithole amaphuzu amqoka ngokuthela phansi izimbangi zayo ezinkulu, okungekuhle wukuthi kulo mdlalo kulimale esinye sezethenjwa zaleli qembu laseThekwini, uTrevor Nyakane.
Lo mdlali okwazi ukudlala nxazonke kwi-prop, ulimale umdlalo usanda kuqala, indawo yakhe yathathwa nguHanro Jacobs.
Usanda kuqinisekisa ukuthi uhlinzwe umsipha oxhumanisa umlenze nesithende, i-achilles, okusho ukuthi usazohlala izinyanga engadlali.
“Ngesonto eledlule ngigqabuke umsipha i-achilles, kwaba buhlungu kakhulu. Ngisanda kuhlinzwa futhi odokotela banethemba lokuthi konke kuhambe kahle. Sengizoqala uhambo lokululama, ngiqinisekise ukuthi ngihlala nginethemba,” uNyakane ubhale kanje ekhasini lakhe le-Instagram.
Ukulimala kukaNyakane (34), ongomunye wabadlali abanamava abaphinde bagqame naseqenjini lesizwe, amaBhokobhoko, kuzoshiya isikhala kwiSharks.
Lo mdlali uyena obesejwayele ukuqala phambili, ebambisene noNtuthuko Mchunu, selokhu omunye umdlali wamaBhokobhoko, u-Ox Nche, elimale ngoJanuwari 11.
UNche odonseke umsipha osengalweni bedlala neToulouse kwi-Investec Champions Cup, akadlalanga emidlalweni emithathu edlule ngesikhathi iSharks ibhekene neBordeaux, iCardiff Blues neBulls, futhi akukacaci ukuthi uzobuya nini.
Uma engekho ngoMgqibelo, umqeqeshi weSharks uJohn Plumtree, kuzomele athembele kubadlali abafana noJacobs, Ruan Dreyer nabanye.
UJacobs uthwale kanzima kuma-scrum ngesikhathi bebhekene neBulls, okusho ukuthi uma ephinde enikwa ithuba koweLions kuzomele azame ukugwema inqwaba yamaphenathi iSharks eyawanika leli qembu lasePitoli.
ISharks isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-10. ILions isendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-10.
Amanye amaqembu akuleli ayibambe kwi-URC, iBulls neDHL Stormers, azobhekana eLoftus, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.