INKAKHA yeKaizer Chiefs, uJoseph “Banks” Setlhodi, ithi makangafakelwa ingcindezi kodwa makanikwe ithuba u-Arthur Zwane osanda kugixabezwa ngesikhundla sokuqeqesha Amakhosi ngokugcwele ngesizini ezayo.
USetlhodi ukusho lokhu exoxa neSolezwe ngeSonto emcimbini wokwethulwa kwencwadi ekhuluma ngomlando nempilo kakaPatson “Sparks” Banda, iSparks of Fire, izolo eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
UZwane, obeyiphini likaStuart Baxter ngesizini esanda kusongwa, uqokwe ngokugcwele kwesokuqeqesha iqembu emva kokukhonjwa indlela kukaBaxter ngasekupheleni kwesizini edlule.
Ukuqokwa kukaZwane owayengumdlali waleli qembu eminyakeni edlule, sekuqubule imvunge nemibono eminingi kwezinye izingqapheli zebhola yize kubukeka igcagcele esokeni kwabanye abalandeli beqembu.
“U-Arthur akayena uMesiya, kodwa ngiyakholelwa kakhulu kuye ngoba ngiyamazi kahle ukuthi ungumuntu onjani, nokuthi unezifiso ezingakanani ngaleli qembu.
Ngakho engikufisayo wukuthi anikwe ithuba, angafakelwa ingcindezi ngoba usevele ungaphansi kwayo, ngokuthatha lesi sikhundla asekusona njengamanje. Ukuqeqesha iChiefs akufani nokuqeqesha noma yiliphi nje iqembu kwiPSL,” kusho uSetlhodi owayengunozinti wokuqina kwiChiefs ngeminyaka yo-1970.
“Empeleni akusiyo into entsha ukuthi iChiefs iqeqeshwe ngumqeqeshi oke wadlala kuyo. Nami ngayiqeqesha (ngo-1982), no-Eliakim “Pro” Khumalo (1983) naye waqeqesha, okuyinto engiyibona iphusile ukuthi kunikwe ithuba umuntu onjengoZwane olazi kangcono iqembu kusukela esengumdlali kuze kube manje njengoba esengumqeqeshi.
Ngakho-ke kufanele anikwe ithuba kubonakale ukuthi uphetheni, ngoba asiwazi amasu akhe eza nawo, ikakhulukazi njengoba eseqalile vele ukwenza izinguquko esikwatini seqembu ukulungisela isizini ezayo.”
Izinguquko ezenziwe yiqembu emuva kokuthatha kukaZwane esikwatini seqembu seziqalile ukubonakala. Iqembu likhulule abadlali abaningana, abanye babo abahlonishwayo, okubalwa kubona uLebogang Manyama, uLeonardo Castro, uSamir Nurkovik, uDaniel Akpeyi noBernard Parker obengukaputeni.
Abasasayinisiwe okwamanje kubalwa u-Ashley Du Preez noZitha Kwinika, bobabili abasuka kwiStellenbosch FC noSiyethemba Sithebe obekuMaZulu.