UXWAYISWE ngokuthi angalokothi abheke amagama abadlali kepha agxile ekutheni obani abenza umsebenzi oncomekayo kulezi zinsuku kwi-Orlando Pirates umqeqeshi waleli qembu uMilutin “Micho” Sredojevic kulandela ukuvela kokuthi sebeluleme oXola Mlambo noVincent Pule kanti uThembinkosi Lorch usesiqedile isigwebo samakhadi.
Lesi sixwayiso sikhishwe uHelman “Midnight Express” Mkhalele oyinkakha yeBucs ngaphambi komdlalo omqoka weligi weqembu alidlalele kusukela ngo-1993 kuya ku-1997. IPirates izobhekana neBlack Leopards namuhla ngo-7.30 ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ukubuya kwalaba badlali kushiya uMicho ebhekene nengwadla ngokuthi uzokwenzenjani ngoBen Motshwari obekhanya njengesibani esisiwini seBucs njengoba laba badlali bebengekho. UMlambo ulimale iPirates ikhishwa iFC Horoya yaseGuinea kwiCAF Champions League kanti uPule ubesevele elimele kufika lowo mdlalo.
NgokukaMkhalele, uMicho akufanele enze iphutha lokucabanga ukuthi laba badlali bazobuya besesimeni abalimale bekusona kodwa akaqhubeke akhombise ukuba nethemba kubadlali abafana noMotshwari.
“Kungaba iphutha ukuthi uMicho avele amshintshe nje uMotshwari. Ukhombise ukukhula elinde ithuba lakhe lo mdlali. Ungumdlali omkhulu futhi useke wadla nesicoco seligi (neBidvest Wits) kodwa ukuzithoba kwakhe engadlaliswa kukhombise ukukhula. Uphinde waqhubeka nalokhu esenikwa ithuba waziveza. Ubelokhu eyihole njengesibani iPirates bengekho laba ababuyayo. Kungaba elikhulu iphutha uma engavele ashintshwe nje uMotshwari ngoba kuthiwa kukhona asebebuyile ngaphandle uma umqeqeshi eyihlelele ngenye indlela iLeopards kumbe (uMlambo noPule) bemkhombise okukhulu ejimini,” kusho uMkhalele osesiza ezikwatini zesizwe ezincane.
UBEN Motshwari ongomunye wabadlali be-Orlando Pirates abagqamile kule sizini
Ngemuva kokunqoba kwiWits ngempelasonto kwiligi, uMicho ukhombise enkulu injabulo ngokululama kwalaba badlali wakucacisa futhi ukuthi uzimisele ngokubasebenzisa ngokushesha ngoba vele nesizini isiyela ngasemaphethelweni.
“Alikho iqembu elingeke likujabulele ukululama kwabadlali abamqoka. Sizobabhekisisa kahle ngokwesimo bese kuba ima sinquma ngokuxhumana nodokotela ukuthi sebengabuyela yini enkundleni,” kusho Sredojevic.
IPirates ihleli esicongweni kwi-log ngamaphuzu awu-44. Uma inqoba namuhla izovula igebe kumaqembu ayilandelayo njengoba isiya ngokuphela imidlalo. Ukungahlulwa kwayo emidlalweni emihlanu esele kungakhulisa kakhulu amathuba okunqoba isicoco seligi eyasigcina ngo-2012.