OWAYENGUMGADLI weKaizer Chiefs, uJustice Sithole ufisa anikwe ithuba elanele uJasond Gonzalez osengcupheni yokuqopha umlando omubi eNaturena.
UGonzalez (24) ongumgadli waseColombia, ubolekwe yiChiefs kwiReal Santa Cruz yangakubo ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 kubhekwe lukhulu kuyena.
Ngokwesivumelwano samaqembu womabili, lo mgadli uzobuyela ekhaya ekupheleni kwesizini. KwiChiefs uGonzalez usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye yeDStv Premiership kodwa akakaze ashaye nelokubika igoli. Ngalokhu, usengcupheni yokufulathela iNaturena engakaze ayishaye inethi. Ukuhluleka kwakhe ukutakula iChiefs okuyinto asayiniselwe yona, sekumakhele isigcwagcwa kubalandeli.
USithole, odlale kwiChiefs phakathi kuka-2000 no-2003, uthe uGonzalez kufanele anikwe ithuba elanele njengabo bonke abagadli kuleli qembu. UGonzalez usaqale imidlalo emine kuphela selokhu efikile eNaturena.
“Angicabangi ukuthi iChiefs izomgcina ekupheleni kwesizini kodwa ngokwami kufanele imnike ithuba elanele ukuze uma ephindela ekhaya engasho ukuthi akalinikwanga.
“Kule midlalo esele iChiefs ngeke ikhale ngokuthi uyenzele phansi ngoba akukho okutheni ekudlalelayo. Uma iqembu likwazi ukunika ithuba abanye abagadli uChivaviro (Ranga) noDu Preez (Ashley), kumele noGonzalez anikwe ithuba ayiqale imidlalo, kubonakale. Uma ehluleka lapho sesingasho ukuthi akayisebenzelanga iChiefs,”kusho uSithole.
Nakuba kugqamile ukuhluleka kukaGonzalez kwiChiefs kodwa akekho umgadli kuleli qembu oshaya amagoli ephindelela.
Kule sizini, iChiefs isashaye amagoli angu-19 emidlalweni engu-20 yeligi esiyidlalile. Amane ashaywe nguPule Mmodi oqhamuka ezinhlangothini. UChivaviro usashaye amabili kuphela. UDu Preez ushaye amathathu okuyisibalo esifanayo nesikaChristian Saile.
“Ukudlalela iChiefs nokuyishayela amagoli akuyona into kanoma ubani. Lento idinga abadlali abazokunika ibhola ezindaweni ezifanele, bakwakhele amathuba amahle.
“Akugcini nje ngomgadli kuphela. Ukuba uGonzalez uyawathola amathuba amehlule ngabe siyamgxeka. Kodwa uma ethola ithuba elilodwa lokushaya igoli emidlalweni emithathu, sikhuluma okuhlukile.
“Kuwumsebenzi weqembu lonke ukwenza abagadli bashaye amagoli. UDu Preez uyawathola amathuba amehlule. Kungani uGonzalez engawatholi? IChiefs kudingeka imnike imidlalo emibili ilandelana, ayiqale ukuze kubonakale ukuthi uyahluleka,”kusho uSithole owawina iMandela Cup neChiefs.
Amakhosi avalele ikhefu leFifa emuva kwesibhaxu esithole kubakhaya i-Orlando Pirates emdlalweni weligi. Azobuyela enkundleni ngoMgqibelo eseyobhekana neCape Town City e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-3.30 ntambama.