OWADUMA kwi-Orlando Pirates uJerry “The Legs of Thunder” Sikhosana akayizwa eyesilomo somdlali weZimnyama uThabo Qalinge.
UQalinge oyibamba ngasezinhlangothini kweZimnyama uyiqale kahle isizini kwiBucs kodwa lokhu akumfaki enhliziyweni kaSikhosana.
KwiBucs uQalinge udlubha inombolo eyayigqokwa nguSikhosana nabadlali abafika kuleli qembu bashiya umaka. Lo mdlali odume ngelikaSection 10 ugqoka unombolo 15 wezimanga. Leli jezi libelethwe ngabadlali abafana noSikhosana, Andile Jali noBennedict “Tso” Vilakazi.
Njengamanje uVilakazi nguyena ophethe irekhodi lokuhlohla amagoli amaningi kwiPirates emlandweni weqembu. Ngakolunye uhlangothi uSikhosana usaphethe umdlalo wokuwinela iPirates isicoco seCAF Champions League ngo-1995.
USikhosana, obexoxa nabezindaba oLundi ngoLwesihlanu lapho bekudlala khona izinkakha zeBafana Bafana neqembu lekhethelo lasoLundi ufanise uQalinge nosomahlaya.
“Ngabe kukhona (yini) into eyisipesheli eyenzeka ngonombolo 15 kwiPirates njengamanje? Uma ikhona into eyisipesheli eyenzekayo mhlawumbe mina ngibuka elinye ibhola uma ngiqhathaniswa nabanye abantu. Unombolo 15 yinombolo egqokwe ngabadlali abenze umehluko kwiPirates,” kusho uSikhosana.
Njengamanje uQalinge nguyena umdlali wePirates okhombisa izimpawu zokuphila.
“Mina noTso Vilakazi sasidle ngokuhlohla amagoli. Njengamanje sekuhlukile. UQalinge udlalela ukuhlanyisa izihlwele. Akafani nami noVilakazi ababeshayela iqembu amagoli amqoka. U-Andile Jali naye wayibeka induku ebandla. Njengamanje unombolo 15 akuyona inombolo eyenza abantu bakhulume. Kodwa phela uma nibona isimanga nina kumuntu odlalela ukubukwa nokuhlekisa abantu ayikho inkinga, “ kusho uSikhosana.
UJali wasiza iPirates yadla izicoco eziyisithupha kumasizini amabili.
“Akubona bonke abadlali abazoba yizinkakha. Akusho ukuthi uma udlale esigabeni esikhulu usuyinkakha. Yingakho isizukulwane samanje kumele sisebenze kanzima,” kusho uSikhosana.