USIBHEKISE kwinkosikazi yakhe isicoco seMTN 8 umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy ngemuva kokuthi ezakhe ziguqise iSuperSport United ngo 4-1 kowamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
UMcCarthy uke waphuthwa umdlalo weligi wezakhe ngoba eyoseka inkosikazi yakhe uStacey Munro ngemuva kokuba nenkinga emaphashini.
“Kwinkosikazi yami ekhaya ngithi lena (indebe) ngeyakho. Bekunzima kimina njengoba bengimi phakathi kokuthi ngenze umsebenzi wami nasekukhathazekeni ngaye. Stacey ngithemba ukuthi ubukele futhi awugxumanga waphuma embhedeni ngoba nakhu siwinile. Kumama wakhe osivakashele ngiyabonga kakhulu,” kusho uMcCarthy obekhuluma kwiSS4 ngemuva komdlalo.
UMcCarthy onqobe isicoco sakhe sokuqala njengomqeqeshi kusukela eqale lo msebenzi ngesizini edlule, ubonge usihlalo weCity, uJohn Comitis ngokumnika ithuba.
OMPETHA beMTN 8 iCape Town City ngesikhathi bephakamisa indebe kulandela ukuguqisa iSupersport United kumaphenathi eMose Mabhida Stadium ngoMgqibelo. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency (ANA)
Uthe impumelelo yakhe kumele ivule amehlo nabanye osihlalo bamaqembu ngokuqasha abaqeqeshi abasebasha.
“Kusihlalo ngiyabonga nakuyena ngokukholelwa kumuntu osemusha. Kubaqeqeshi ababukele abasebasha bangayeki ukukholelwa kwabangakwenza. Ngithemba ukuthi njengoba kukhona esengikuzuzile iminyango izovuleka nakubona. Kosihlalo abanike abaqeqeshi abasebancane ithuba babone ukuthi yini abangayenza. Ngikholwa wukuthi yilokho okudingwa ilizwe njengamanje,” kusho uMcCarthy.
Emdlalweni olandelayo iCity izokwamukela iBidvest Wits kowe-Absa Premiership ngoLwesibili eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.