UMQEQESHI woMvoti FC, uDoctor Mkhonza, uyifuna esitikini iKaizer Chiefs abasethubeni lokutonyulwa nayo uma sekuqhathwa amaqembu azoqhuthana kwi-Last 32 yeNedbank Cup kusasa.
Leli qembu laseGreytown elidlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, libalwa nayisishiyagalombili angaphansi kwezinhlaka zeSouth African Football Association (Safa) adlulele kwi-Last 32. La maqembu azohlanganiswa nayisishiyagalombili adlala kwiMotsepe Foundation Championship nangu-16 eBetyway Premiership uma seziqhathwa eSandton, kusasa ngo-6.30 ebusuku.
“Ngingakujabulela kakhulu ukuqhathwa neChiefs, kungaba lula ukuyihlelela. Futhi-ke nabadlali bethu angingabazi nakancane ukuthi bangakhuthazeka ngendlela eyisimanga ukuqhathwa kwabo neqembu elinjengeChiefs. Kungenza umsebenzi wethu njengabaqeqeshi ubelula ngoba abadlali bethu bangabe bengadingi ukukhuthazwa okuningi.”
UMkhonza osengumakadebona ekuqeqesheni esigabeni seMotsepe League, ukhuluma ngokungasabi ukuqhathwa neChiefs nje, kuyaziwa ukuthi leli qembu laseSoweto linomlando ongemuhle wokugoba uphondo uma libhekene namaqembu asezigabeni eziphansi. Ngesizini ka-2010/2011, laguqiswa ngo 2-1 yiBaroka FC ngaleso sikhathi eyayidlala kwiMotsepe League kwi-Last 32. Ngesizini ka-2020/2021, Amakhosi awashiswa ijezi kwi-Last 32 yiRichards Bay FC eyayidlala kwiChampionship. Ngedlule kube yiChiefs ewashiswa ijezi yiMilford FC ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kuyona iNedbank.
“Sizokuthokozela nokuqhathwa neqembu elidlala kwiFirst Division (Motsepe Championship) ngoba kungabenza abadlali bangabi novalo, badlale ngokukhululeka. Angisayiphathi-ke eyokuqhathwa neleMotsepe League elidlala esigabeni esifanayo nesethu. Kodwa-ke futhi singakwemukela nokuqhathwa naneqembu lePremiership engikholwa wukuthi lokho kungabaqinisa kakhulu ukhakhayi abadlali bethu, kwenyuse nokuzethemba kubona uma sesibuyela emidlalweni yeMotsepe League,” kusho uMkhonza.
Ngaphandle kokumela iSafa KZN kwiNedbank Cup, Umvoti ubalwa namaqembu asembangweni wesicoco seligi yeKZN Motsepe League njengoba kuyiwe ekhefini lamaholidi okuphela konyaka usendaweni yesibili kwi-log kaStream A ngamaphuzu angu-18. Wehlukaniswe yiphuzu neNjampela FC ehlezi phezulu ngamaphuzu angu-19.
Amaqembu eMotsepe Foundation Championship:
Baroka FC
Cape Towns Spurs
Durban City
Hungry Lions
Kruger United
Milford FC
Pretoria Callies
Venda FC
Amaqembu ezigaba zeSafa:
CR Vasco Da Gama (Western Cape)
Free Agents (Gauteng)
Lerumo Lions (North West)
Mighty Eagles (Eastern Cape)
Mpheni Home Defenders (Limpopo)
Sibanye Golden Stars (Free State)
The Bees FC (Mpumalanga)
Umvoti FC (KwaZulu-Natal)