UBONGE ukuba yingxenye yeqembu elikhethekile ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi ngemuva kokuthi leli qembu lesizwe lebhola lombhoxo liqhubekile nokuwola izindebe ngoMgqibelo.
AmaBhokobhoko abuyise izinduku kwi-Argentina eyiqumba phansi ngo 48-7 eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngaleyo ndlela aba ngompetha beRugby Championship yanonyaka.
Aqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni eyisithupha, i-New Zealand yalala isibili ngamaphuzu angu-16. I-Argentina iqede endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-14, i-Australia yaqeda emsileni ngamahlanu.
“Kusho lukhulu kithina. Ngicabanga ukuthi indlela esiphume ngayo nendlela esiqale ngayo umdlalo kukhombisile ukuthi izinhloso zethu bezicacile. Umqeqeshi ubelokhu esikhumbuza ukuthi nakuba sinabo abantu abasesekayo kodwa ngeke basinqobele, yithina okumele siphume siyodlala. Bekungokokuqala leli qoqo labadlali linqoba iRugby Championship ephelele,” kusho uKolisi.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, ukholwa wukuthi indlela abawuhlelele ngayo lo mqhudelwano ibe nomthelela omkhulu ekutheni bakwazi ukuyinqoba le ndebe.
“Kunzima ukudlala ne-Argentina. Angicabangi ukuthi ngabe sinqobe kanje ukube asizange sisihlukanise isikwati, abanye baye e-Argentina abanye baphumule kuleli. Besingalindele ukunqoba ngamaphuzu angaka kodwa besifuna ukuthi laba badlali abebesele ngemuva baqhamuke nobuholi nekhono lokudlala kahle emidlalweni ebalulekile,” kusho u-Erasmus.
Kulo mdlalo esinye sezilomo zakuleli, u-Eben Etzebeth, sibe ngumdlali wokuqala ukudlala imidlalo engu-128 kumaBhokobhoko, ephula irekhodi lemidlalo engu-127 ebeliphethwe nguVictor Matfield.
AmaBhokobhoko angompetha beNdebe yoMhlaba ayinqobe ngo-Okthoba nyakanye, azovala unyaka ngokudlala imidlalo emithathu ekuhambeni ngoNovemba, lapho ezobhekana neScotland, England neWales.
Khonamanjalo, iqembu lesizwe lombhoxo labesifazane liwuqale ngegiya elihle umqhudelwano we-WXV 2 ngokushaya iJapan ngo 31-24 e-DHL Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
“Ngizoba ngowokuqala ukuvuma ukuthi asidlalanga uhlobo lombhoxo olusezingeni eliphezulu kodwa senze okwanele ukuze sinqobe iqembu eliqinile leJapan. Bakwazile ukusicindezela, kwadingeka ukuthi sisebenze kanzima emuva. Maningi namathuba okushaya ama-try esiwamoshile ngesikhathi sihlalsela, sawenza namanye amaphutha kodwa ngiyaziqhenya ngeqembu,” kusho umqeqeshi uSwys de Bruin.
AmaBhokobhoko esifazane azobhekana ne-Australia e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo emdlalweni wesibili we-WXV 2.