‘ABALANDELI beKaizer Chiefs abahlukane nokugxeka imenenja yaleli qembu uBobby Motaung kuphela ngoba akuyena othatha izinqumo zeqembu kodwa nguyise’.
Lokhu kushiwo yingwazi edlalele Amakhosi ne-Orlando Pirates, uJabu “Shuffle” Mahlangu.
Ngokusho kukaMahlangu, uBobby unawo amaphutha awenzile kwiChiefs kwazise naye ungumuntu kepha ngeke eyedwa athathe izinqumo zeqembu elikhulu njengeChiefs.
UMahlangu utshele Isolezwe ukuthi nguyise kaBobby, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung osayina yonke into ethinta iChiefs, pho kungani kuphunywe iqhubu noBobby kuphela.
“Okwenzeka kwiChiefs kuwumphumela wezinqumo ezithathwa abantu abehlukene ezingezinhle. Ngike ngizwe abantu bekhala ngoBobby. Yebo uwenzile amaphutha lapha nalaphaya ngoba ungumuntu kodwa ekugcineni akufanele sikhohlwe wukuthi umuntu osayina okokugcina ukuze kwenzeke into kwiChiefs wuKaizer Motaung,” usho kanje uMahlangu.
Ukhuluma kanjena nje uMahlangu, sekuphele amasizini amahlanu Abafana Bokuthula Noxolo bagcina ukunqoba isicoco. Ayikho into ecika abalandeli beChiefs njengokuphendulwa ompushana yiTS Galaxy edlala kwiNational First Division (NFD) ebashaye ngo 1-0 kowamanqamu kwiNedbank Cup ngoMeyi.
Phakathi kwezinto abalandeli beChiefs abasola ngazo uBobby ukusayinisa abadlali abangakufanele ukudlala kwiChiefs ngenxa yokuthi basuke bengasabizi mali, sebephelelwe yizinkontileka emaqenjini abasuke bewadlalela.
Ukuqasha abaqeqeshi ngobubhululu, noma abaqeqeshi abangenamava. Usolwe kakhulu kuqashwa uSteve “Mphathi” Komphela kuleli qembu obekusolwa ukuthi bangabangani.
Muva nje kuqashwe * -Ernst “Mazinyo” Middendorp obebuya okwesibili kuleli qembu. Phakathi kuka-2005 no-2007, uMazinyo wanqoba isicoco se-Absa Cup naMakhosi kodwa ngesizini yakhe yokugcina wahluleka wancama ukungena kwiTop 8.
Ukuphindile lokho ngesizini edlule eqeda neChiefs besendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-Absa Premiership. Umbuzo obuzwe nguMahlangu wukuthi yini le izikhulu zaMakhosi ebese ziyibonile eyehlukile kulo mqeqeshi waseGermany.
Abadlali abasathengwe yiChiefs njengamanje uLazarous Kambole waseZambia, James Kotei waseGhana, Kearyn Baccus wase-Australia kodwa ozalwa eThekwini noSamir Nurkovi waseSerbia.