KUSHAYISA amakhala ukungabonakali nangokhalo kukaBrilliant Khuzwayo ejimini ye-Orlando Pirates izolo ekuseni ikakhulukazi emuva kwemibiko eminingi engaqinisekisiwe ngekusasa lakhe kweZimnyama ngenxa yokukhishwa kwakhe isigubhukane esikimini esizoqala umdlalo kwiCarling Black Label Cup.
KwiBlack Label Cup kuzotholana phezulu i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-3 ntambama.
UKhuzwayo ukhishwe esikimini ebesizoqala umdlalo ngoLwesibili ebusuku kwafakwa uWayne Sandilands. Ubefakwe ngabalandeli ngamavoti ukuba aqale umdlalo yize bengakaze bambone edlalela eZimnyama selokhu asayiniswa esuka kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule.
Abazazi zonke ezeBucs bathi uKhuzwayo uzoba nomhlangano omqoka maduze nosihlalo weqembu, u-Irvin “The Iron Duke” Khoza, lapho kuzobhungwa khona ngekusasa lomdlali waseMlaza. Ngokwalaba abebekhulumela phansi, uKhuzwayo ngeke aphinde abonakale edlubhe umfaniswano wezinkunzi zaseSoweto.
“Kubukeka sengathi uKhuzwayo ngeke esayidlalela iPirates. Ulimele kakhulu. Iqakala lakhe lifaswe ngezinsimbi. Lokho kwenze ukuthi azwele ubuhlungu uma ekhahlela ibhola,” kusho umthombo ozazi zonke ezeBhakabhaka.
Ebuzwa uMilutin “Micho” Sredojevic ngokungabikhona kukaKhuzwayo ejimini yePirates izolo ekuseni, uphendule ngendlela ekhombisa ukuthi udaba lwakhe seluphumile ezandleni zabaqeqeshi.
“Ngenxa yokubhekela ingozi, sinqume ukumkhipha uBrilliant esikimini. Ngizogcina lapho ngoba njengomqeqeshi anginalo ilungelo lokweqela ezintweni ezithinta odokotela,” kusho uSredojevic.
UKhuzwayo ufike kwiBucs ethwelwe ngeqoma kodwa kuze kube manje akakaze abonakale esenkundleni edlalela iPirates emdlalweni weligi noma kweyomikhumulajezi. Ufike waba nenkinga kwiPirates kwaphoqeleka ukuthi ayohlinzwa ukuze kulungiswe inkinga abenayo eqakaleni.
Kuthe eseluleme waqala wavela eqenjini leBucs kwiMultichoice Diski Challenge (MDC). Kwesinye isikhathi ubehlala ebhentshini kweyeligi kodwa kuze kube imanje ubengakaze abonakale edlala.
Ngomsombuluko uKhuzwayo ubhale ekhasini lakhe lika-twitter ukuthi uqatha ngokwanele. Ngaleso sikhathi ubevule igebe ngamavoti angaphezulu kwangu-20 000 kuSandilands osekunguyena ozobe evimbile kusasa emdlalweni weCarling Black Label Cup.
Kubuzwa uFloyd Mbele ngokukhishwa kukaKhuzwayo, uthe yena engaphendula kuphela uma kukhulunywa ngomdlalo wakusasa.
“Angazi ukuthi yini ndaba abantu bekhuluma ngekusasa likaKhuzwayo sengathi bayalazi. Mina ngingaphendula kuphela ngomdlalo weCarling. UKhuzwayo uzobe engekho ngoba odokotela bathe ulimele. Ngeke sidlalise umuntu olimele,” kusho uMbele.
Khonamanjalo uJackson Mabokgwane obevimbela eZimnyama, uthushuke kwiBloemfontein Celtic ngesikhathi yethula abadlali bayo abasha izolo.
Abanye abadlali abasayiniswe yiCeltic uSiphelele Luthuli, Sello Matjila, Tumiso Mogakwe, Motebang Sera, Tumelo Njoti, Mondli Mpoto, Andile Fikizolo, Jackson Mabokgwane, Aviwe Nyamende noHarris Tchilimbou.