MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngithi angizwakalise ukuphatheka kabi ngenxa yeqembu lethu lebhola esilithandayo Amakhosi.
Kubuhlungu ukuba wumlandeli wasePhefeni kule minyaka esikuyo ngoba sihlezi sikhala njalo singawini lutho.
Lihle ibhola abalidlalayo elihlaselayo kodwa kuyavuza emuva kanti akujwayelekile ukuthi kulesi sikhathi sibe sesingenelwe amagoli amaningi kanje. Emidlalweni engu-11 sesingenelwe amagoli angu-13, kuzophela isizini emangaki amagoli angena ngakithi?
Ngiphatheka kabi ukuthi sesiphinde sahluleka ukuwina umdlalo weGolden Arrows ekubeni sesishaywe yizimbangi zethu ezinkulu amaBhakhaniya.Ngiyasola kukhona ongawenzi kahle umsebenzi ebhentshini leChiefs ngoba akuhlangani futhi kububeka kubheda kakhulu kunakuqala, siba yinhlekisa.
Kwaze kwabuhlungu ngoba besinethemba lendebe noma eyodwa kulezi esezidlalelwe kodwa lutho. Kuzoba wumqansa kulezi ezisele izicoco (CAF ,Nedbank neligi). Kunzima ukuphumelela kulezi zicoco esezisele.
Sesisalelwe amaphuzu angu-48, okusho ukuthi iwu-16 imidlalo esele kodwa emgodleni sinamaphuzu angu-18. Uma sihlanganisa kuphuma amaphoyinti angu-66 esingawathola uma siwina yonke imidlalo, singadlali ngokulingana kodwa angiboni kwenzeka lokho.
Asikhohlwe yiligi ziMpofana ngoba naku-50 sizofika kanzima kuwo, sizobe sesiqinisekisa nje nge MTN 8 ukuthi singene kuyo. Ngeke ngiliyeke leli qembu lethu ngiyalithanda kakhulu noma sihlekwa kodwa asibaseke abadlali bethu. Okufike kube kubi kakhulu wukuthi abadlali sinabo.
Impofana yethu ikuleso simo esingajabulisi neze ezinhlizweni zethu.
Scathulo Thusi
EMtubatuba