BALALE bemoyizela abalandeli be-Orlando Pirates kulandela ukuqhuzuka kweMamelodi Sundowns izolo emdlalweni we-Absa Premiership lapho ezikaPitso Mosimane zithole induku ivela komakhelwane iSuperSport United eLoftus Stadium, ePitoli.
Imizuzu yokuqala ewu-29 ibingenayo iminyakazo etheni kodwa okugqamile ukuthi umgadli weSundowns, u-Emiliano Tade, ubelokhu ezame njalo yize wonke amabhola akhe ebewaqondisa kuRonwen Williams.
Bekucacile lapha ukuthi iSundowns ithembele ejubaneni likaPhakamani Mahlambi.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iSundowns iyona engathola kuqala igoli, uGrant Kekana ushaye igoli lakhe lokuqala kule sizini engqofela phakathi ikhona ngomzuzu ka-30.
Leli goli liyivusile iSuperSport kwazise ibikhombisa izimpawu zokulisebenzisa kangcono ibhola. Ukulidinga kweSundowns igoli lokulinganisa bekuyenza ivuleke emuva ikakhulukazi ohlangothini lukaTebogo Langerman okuyinto ebivulela u-Aubrey Modiba ukuthi aqhamuke namabhola anzima njalo ngakwesokunxele.
Nakuba iSuperSport ibisinokuzethemba, neSundowns ibilokhu iqhamuke njalo neminyakazo emihle kugqame kuyona uThemba Zwane.
Isiwombe sesibili siqale ngokuthi kube iSundowns eqala kangcono kuqhubeka yena uMahlambi ngejubane. NoTade ubelokhu ezame njalo kusho khona ukuthi lisamlandele ibhadi lokuqondisela uWilliams. Obekusobala ukuthi izitobha zeSuperSport beziphapheme ikakhulukazi uClayton Daniels. Abekhona amathuba ethusayo eSuperSport kodwa uKennedy Mweene ubekhombisa ukuphaphama okuyisimanga. Ngomzuzu ka-60 uphumile uGeorge Lebese odlale kahle kwazise ubebhekene neqembu abolekiswe yilona kwiSuperSport.
Ngaso sonke isikhathi kulo mdlalo iSuperSport ibibukeka sengathi izolithola igoli lesibili nangempela lize lavela ngomzuzu ka-79 likhala enethini ngonyawo lukaGhampani Lungu.
Umsebenzi omuhle kaBradley Grobler ugcine ubonakele lapha ngoba wakhela uLungu leli goli nje, ubekade eqalile ezama. Kubonakale ngisho ebusweni babadlali beSundowns ukuthi kuyabethusa ukuthi sebelandela emuva ngamagoli amabili.
Komunye umdlalo izolo iHighlands Park ibambane neFree State Stars ngo 1-1.