YIZE ezakhe zikhale ngaphansi kwiKZN Primo Cup, umqeqeshi woMvoti FC, u-Ayanda “Cobra” Dlamini, ukholwa wukuthi ukudlala kwabo kulo mqhudelwano kufike ngesikhathi esikahle ngaphambi komdlalo wabo weNedbank Cup Last 32 abazowudlala neBaroka FC.
UMvoti uguqiswe ngo 3-1 yiDurban Pioneers sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owandulela owamanqamu wePrimo Cup ngoMgqibelo. IPioneers igcine ikhale yemuka nale ndebe emuva kokuguqisa uMsinga United ngo 4-1 kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi eChatsworth Stadium, eThekwini.
Lo mqhudelwano oxhawe yiPrimo Sportswear okuyinkampani edayisa izingubo zokugqoka zezemidlalo, udlalelwa ngamaqembu angaphansi kweSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
Ngokudla umhlanganiso kwiPrimo Cup, iPioneers ikhale yemuka nesamba sika-R50 000, kwathi uMsinga wathotshwa inhliziyo ngo-R20 000.
UMvoti uzodudulana neBaroka FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship koweNedbank Cup Last 32, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Yize besifisa ukufinyelela kowamanqamu obekuzosinika ithuba elikahle lokudlalisa abanye abadlali bethu kodwa ukudlala kwethu kulo mqhudelwano ngalesi sikhathi esilungiselela ngaso umdlalo wethu weNedbank Cup neBaroka nokuqala umzuliswano wesibili wesizini, kufike ngesikhathi esikahle,” kusho uDlamini owayeqeqesha AmaZulu.
“Abadlali bethu bayakuqonda ukubaluleka kwalo mdlalo esizowudlala neBaroka eyiqembu elikhulu kunathi ngokwesigaba edlala kuso, ngakho okubaluleke kakhulu wukuthi sigxile kithina kunokuthi sigxile kuyona ukuthi idlala kanjani yize sinawo amanye ama-video emidlalo yayo yakamuva.
Yithuba elikhulu leli kubadlali bethu lokuzibonakalisa kodwa esikugcizelela kakhulu kubona wukuthi bangasabi ukudlala neBaroka, badlale babonise ikhono labo, bese besebenzisa nolwazi abazoluthola ngokudlala neqembu elingaphezulu kwabo ngokwesigaba emidlalweni yethu yeligi esiyoyidlala emuva koweNedbank.”
Phezu kokuba besha amashushu ngokwenza kahle nakwiNedbank, uDlamini akakufihli ukubeka kwabo phambili ukulwela isicoco seligi nokuyodlala amaPlay-Offs kazwelonke okuzabalazela ukukhuphukela kwiChampionship. UMvoti usembangweni wesicoco seligi neNjampela FC kuStream A weMotsepe League. Bahlukaniswe yiphuzu nayo njengoba iNjampela iqhwakele ngangu-19, uMvoti usendaweni yesibili ngangu-18.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 32 ngempelasonto:
NgoLwesihlanu - Ngo-7pm:
Pretoria Callies v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium)
NgoMgqibelo - Ngo-3pm:
Golden Arrows v Chippa United (Mpumalanga Stadium); Umvoti FC v Baroka FC (Harry Gwala Stadium); Venda FC v Cape Town Spurs (Thohoyandou Stadium); Lerumo Lions v Durban City (Olympia Park Stadium)
Ngo-6pm:
Mamelodi Sundowns v Sibanye Golden Stars (Loftus Versfeld Stadium)
NgeSonto - Ngo-3pm:
Richards Bay FC v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium); Mpheni Home Defenders v Hungry Lions (Thohoyandou Stadium); Polokwane City v The Bees FC (Old Peter Mokaba Stadium)
NgoMsombuluko ozayo - Ngo-7pm:
Royal AM v Milford FC (Harry Gwala Stadium); Sekhukhune United v Cape Town City (Old Peter Mokaba Stadium)
NgoLwesibili oluzayo - Ngo-7pm:
AmaZulu FC v Mighty Eagles (King Zwelithini Stadium); Stellenbosch FC v Kruger United (Danie Craven Stadium); Magesi FC v Supersport United (Old Peter Mokaba Stadium);
NgoLwesithathu oluzayo - Ngo-7pm:
TS Galaxy v CR Vasco Da Gama (Mbombela Stadium)