Orlando Pirates- 0
Mamelodi Sundowns- 2
UKHIYE wokubanga isicoco seligi wukwehlula amaqembu amakhulu asuke esembangweni.
Leli ngelinye lamaphuzu akhonzwe kakhulu ngabahlaziyi bebhola nabaqeqeshi, nxashane kukhulunywa ngomjaho wamaligi ahlukene kanobhutshuzwayo emhlabeni.
Yikho lokhu okwenzeke izolo kwabeka iMamelodi Sundowns neManchester City, emizileni ebambekayo yokuvikela ngempumelelo izicoco, eseDStv Premiership nese-English Premier League.
ISundowns iminzise i-Orlando Pirates ngo 2-0 wamagoli kaPeter "Namibian Express" Shalulile, izolo ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.
ICity yona iphose ngaphansi kwebhuloho laseStamford Bridge, iChelsea ngo 2-0 wamagoli likaGabriel Jesus emini izolo. Wonke la magoli avalelwe ngesiwombe sesibili.
KowaseStamford Bridge kulimale amaphanta kwazise iChelsea, ompetha base-Europe, bese bezakhele isithunzi esibambekayo sekunezinkulumo zokuthi bazosithatha isicoco kulokhu.
Bekungokokuqala uPep Guardiola ocija iCity, ehlula uThomas Tuchel weChelsea, behlangana okwesine kusuka umqeqeshi waseJalimane efike eStamford Bridge, maphakathi nesizini edlule.
UGuradiola uvikele irekhodi lakhe lokuthi akakaze ehlulwe ngumqeqeshi oyedwa kuze kube kane kulandelana.
Indaba enkulu kodwa ibikwesikaMaminzela kwazise akulimalanga amaphanta kuphela kodwa abanye basuke bebheje ngezinhliziyo kule midlalo yezinkunzi zasekhaya.
Akusikho nje ukuthi iSundowns ithathe amaphuzu amathathu kwiPirates kodwa lokhu ibisikwenza okwesine kule sizini.
Ibinqoba okwesine kanti okuzoba yiva ezimbangini zayo wukuthi namanje ayikehlulwa kanti nangaphezu kwalokho, ayikangenelwa nelilodwa igoli emidlalweni yeligi kule sizini.
Yilona qembu elisaphethe leli rekhodi kanti ngemuva kwayo kulandela omkhaya bayo iSuperSport United, esalilande kanye enethini nokufakazela ukuthi ibe sendaweni yesibili.
Khonamanjalo, AmaZulu athathe amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini ehlula iBaroka FC, eJonsson Kings Park, eThekwini.
Isiyonke imiphumela: Maritzburg 0-0 Swallows, Pirates 0-2 Sundowns; AmaZulu 1-0 Baroka; Sekhukhune 1-1 Arrows.