YIZE umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ekhombisa ukungangenwa ngamanzi emadolweni njengoba ezakhe zingayiqalanga kahle imidlalo yeDStv Premiership, akungatshazwa ukuthi owanamuhla neRichards Bay FC yiwo okumele iZimpofana zivuke ngawo.
IChiefs ebuya esibhaxwini sokuxetshulwa ngo 4-0 yiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo odlule, namuhla ngo-8 ebusuku izotholana phezulu neRichards Bay, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Empeleni lo wumdlalo wasekhaya weChiefs, obekufanele iwudlalele eFNB Stadium, eGoli, kepha inqume ukuwuletha eMoses Mabhida, eThekwini, ngoba lena ngenye yezinkundla eyibhalise njengeyasekhaya kule sizini.
IChiefs neRichards Bay bawadinga ngokufanayo amaphuzu kulo mdlalo, yize kuyiChiefs ebukeka iwadinga kakhulu ukuthoba izinhliziyo nokubuyisa ithemba ezinkumbini zabalandeli bayo futhi akungatshazwa ukuthi bazophuma ngobuningi ukuzoyeseka.
IRichards Bay iyiqale ngonyawo oluhle imidlalo yayo emithathu yokuqala esigabeni seDStv Premiership, akungatshazwa ukuthi imagange ngokuqhubeka nomgqigqo omuhle emuva kokunqoba imidlalo emibili kwemithathu owodla ngokulingana.
UNjabulo Blom, umdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs, uthe balindele umdlalo onzima kwiRichards Bay.
“Yize beyiqembu elisha kwiDStv Premiership kodwa sebekhombisile ukuthi bazimisele ngokwenza kahle kule sizini yabo yokuqala kulesi sigaba. Ngakho silindele umdlalo onzima ngempela kubo futhi ngeke nangephutha sibathathe kancane.
“Ukushaywa kwethu yiSundowns sikudlulisile futhi siwabonile amaphutha ethu. Njengamanje sesigxile ekutheni silweleleni ukubuya namaphuzu kule midlalo elandelayo,” kuchaza uBlom.
Kanti omunye wabaqeqeshi beRichards Bay, uPitso Dladla uchaze:"IChiefs ifana nebhubesi elilimele, okusho ukuthi kuyingozi ukuyobhekana nayo ngoba izolwela ukubuyisa isithunzi sayo ngathi. Kodwa-ke isithole kabi nathi siwadinga ngendlela eyisimanga amaphuzu ngoba sizimisele ngokuqhubeka nomgqigqo wethu esesiwuqalile.
Okuhle futhi wukuthi abadlali abakudingi ukukhuthazwa ngaphambi komdlalo walolu hlobo ngoba wonke umdlali ufuna ukuzibona eseqenjini eliqala umdlalo," kusho uDladla.
Amakhosi aya kulo mdlalo nje asanda kwethulwa umgadli omusha waseBurundi, uBonfils-Caleb Bimenyimana. Kwenzeka lokhu nje, akukapholi maseko leli qembu lisayinise isiqongqwane somdlali wasemuva, u-Edmilson Dove osuka kwiCape Town City.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Sekhukhune United v Mamelodi Sundowns (Peter Mokaba Stadium, 3pm); Golden Arrows v TS Galaxy (Princess Magogo Stadium, 3pm); Cape Town City v Stellenbosch FC (Cape Town Stadium, 5.30pm); Maritzburg United v Chippa United (Harry Gwala Stadium, 8pm); Kaizer Chiefs v Richards Bay FC (Moses Mabhida Stadium, 8pm)
Kusasa:
Royal AM v Marumo Gallants (Chatsworth Stadium, 3pm); Supersport United v Orlando Pirates (Lucas Moripe Stadium, 5.30pm)