ZILOKHU zikhale njalo phakathi kweKaizer Chiefs nePremier Soccer League (PSL), ngoLwesihlanu evuse izwe ngokubeka leli qembu icala elisha lokudlalisa abadlali abangabhaliswe emdlalweni weligi.
NgoLwesihlanu ekuseni umshushisi wePSL, uZola Majavu, uthumele kwabezindaba isitatimende eqinisekisa ukuthi iChiefs ibekwe icala lokudlalisa ngoDisemba emdlalweni weDStv Premiership, abadlali abangabhaliselwe ukudlala kule ligi.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi iKaizer Chiefs isibekwe ngokusemthethweni icala lokudlalisa abadlali abangagunyaziwe, okungo-Aiden Tristan McCarthy noMduduzi Shabalala emdlalweni owawuphakathi kwabo neSekhukhune (United) FC ngoDisemba 12, 2021,” kusho uMajavu.
“Laba badlali bebengabhaliselwe ukudlala kwiDStv Premiership kodwa bangabokudlala esikwatini esiphakela esikhulu (esidlala kwiDStv Diski Challenge).
UMajavu uthe icala lizohlalelwa ngo-Ephreli 14.
NB: Thola Isolezwe ngoMgqibelo kusasa ukuzwa injula yokuqhubeka phakathi kweKaizer Chiefs nePSL.