SEBEDONSWE ngendlebe abalandeli beKaizer Chiefs ukuthi bangalinde bacabange ukuthi ingamanzi amancane i-Orlando Pirates abaqhathwe nayo kweyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.
Lesi sexwayiso sikhishwe umqeqeshi weChiefs, u-Arthur “10111” Zwane, ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu amane asele kulo mqhudelwano okwenziwe ngemuva kokuthi behlule iRoyal AM ngempelasonto.
EzikaZwane zihlule iThwihli Thwahla ngo-2-1 emdlalweni obuseChatsworth Stadium, eThekwini, ngeSonto ebusuku. IPirates idlulele phambili ngemuva kokushaya iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League, iDondol Stars ngo-5-4 kumaphenathi. Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uqhathe iSekhukhune United neStellenbosch FC. Imidlalo uzokuba ngempelasonto kaMeyi 6/7, ezinkundleni ezisazomenyezelwa.
Omkhaya baseSoweto, iChiefs nePirates sebedlale kabili kule sizini, kwadlula Amakhosi ngo-1-0 kuyona yomibili imilenze yeDStv Premiership.
UZwane uthe le miphumela akufanele ibuse abalandeli bezakhe bese bezitshela ukuthi bazoziphuzela kumaBhakabhaka.
Amakhosi athe angatonyulwa nePirates kwachwaza inkundla ebigcwele abalandeli bayo.
NgokukaZwane, lo mdlalo uzobe uhluke kakhulu kunemibili yeligi edlule ngakho-ke bangajabuli kuze kweqe abathandi beChiefs ngoba iPirates izofika inezifiso ezifanayo.
“Ukuqhathwa kwethu nePirates ngeke kuze kube lula njengoba abantu becabanga ngoba imidlalo yezinkomishi ihluke kakhulu kweyeligi,” kusho uZwane kwabezindaba eqeda ukunqoba ngamagoli okube iphenathi kaYusuf Maart, nomkhonto ogwaze ekhaya kaThabo Matlaba.
“Engingakusho ukuthi nakulo mdlalo sizoya ngenhlonipho efanayo nakweminye yize sazi ukuthi uzobe uhlukile ngenxa yomhlomulo ozotholwa iqembu elizowina (umdlalo).
“Akuyona into elula ukunqoba kwiPirates ngoba kufanele uyihlule ngezinto eziningi. Okwenza lokhu kube lukhuni ukuthi nayo inezayo izikhali eziyingozi egadla ngazo.
“Ngicabanga ukuthi okuyikhona okujabulisa abantu ukuthi sizobhekana nePirates nayo eyenza kahle kulezi zinsuku.
“Uma iChiefs nePirates besefomini unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ubamnandi,” kusho uZwane.
Akafuni ukuthi abadlali bakhe baye kulo mdlalo ngokwazi ukuthi imiphumela edlule bebhekene nePirates ivune bona ngoba yilokho kanye okuzokwenza iPirates ibe ingozi kubona.
“Alikho ithuba lokuzithambisa kweyezinkomishi kwazise uphaphama usuliwashile ijezi uma udlala kancane.
“Kungcono kweyeligi ngoba uyakwazi nokuhlala emuva ufunde umqondo wesitha kodwa kweyezinkomishi kuyaphuthunywana.
“Ukushaya igoli ngokushesha emdlalweni wenkomishi iphupho lawo wonke umqeqeshi kodwa kwalokho kuhamba nobungozi.
“Siphoqelekile nokho ukuthi iPirates isifice siyilungele ngokugcwele ukuze sibenalo ithuba lokuyiphoqa ukuthi yenze amaphutha sithole lelo goli ngokushesha,” kuphetha uZwane.
IChiefs izobuyela enkundleni ngeSonto, ibheke amaphuzu agcwele kwiSekhukhune njengoba ilwela ukuqeda okungenani endaweni yesibili noma yesithathu kwi-log yeDStv Premiership. Ibambe indawo yesihlanu ngamaphuzu awu-41. Ngaphezu kwayo kukhona iSuperSport United nePirates abanamaphuzu awu-43. ISundonws esingompetha beligi iphezulu ngawu-62.