UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, usebuye wagcizelela isifiso sakhe sokubona iqembu liqeda ngasesicongweni seDStv Premiership ngesizini ezayo ukuze lizibekisele indawo komunye wemiqhudelwano yeCaf.
Usuthu ludlale okokuqala kwiCaf Champions League ngesizini ka-2021/22, kulandela ukuqeda endaweni yesibili ngesizini ka-2020/21, okwakungeyokuqala ngaphansi kweZungu Investments Company.
UZungu uthe umlando wakamuva waleli qembu uyakhombisa ukuthi lokhu akulindele akulona iphupho njengoba kuyinto eselike layenza phambilini.
“Ngiqale ngakhuluma ngezinto ezizuzwe yiqembu eminyakeni esanda kudlula ukuze kucace ukuthi angikhulumi ngento engekho kodwa yinto iqembu eselikwazile ukuyenza. Ngikholwa wukuthi njengamanje sineqembu elingcono kunaleli elaqeda endaweni yesibili laphinde layodlala kwiChampions League,” usho kanje esithangamini sabezindaba abesibize izolo.
“Ngisamile ekutheni AmaZulu kufanele angene aphinde azinze kwiTop 4. Omunye umuntu angathi ngike ngaqhelelana neqembu kumasizini amabili edlule njengoba bekunezinye izinto ebengigxile kuzona kodwa kule sizini (ezoqala) ngizophinde ngisondele kulona.
“Ngizokwamukela ukunconywa uma izinto zihamba kahle futhi uma kukhona la kubhimba khona yimina ozokuthwala lokho emahlombe. Kuningi okuzobe kulindelekile kimina njengoba ngizobe ngiseduze neqembu.”
UZungu uthe yize izinto zingahambanga ngendlela ebebefisa ngayo ngesizini edlule lapho Usuthu luqede khona endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-36, bayamethemba umqeqeshi uPablo Franco Martin ukuthi uzolinyusa izinga kule sizini ka-2024/25.
“Umqeqeshi uCijimpi simbona ewulungele umsebenzi wokubeka iqembu lapho sifuna libe khona. Ngesizini edlule, obekungeyakhe yokuqala kuleli, siqede sinamaphuzu angu-36 kodwa ngokubona kwethu kunamanye angu-14 ebesingawengeza ukube imidlalo yethu ibiphethwe ngendlela efanele,” uqhube kanje.
“Njengoba sekuzoba yisizini yakhe yesibili kwiDStv Premiership sikholwa wukuthi angakwazi ukulinyusa izinga ngoba usenolwazi olungcono ngeligi yakuleli.”
UZungu uthe sekusele kancane ukuthi bavale isikhala sobecija onozinti, uWayne Sandilands, osejoyine iqembu laseTanzania, iSimba SC. Uphinde waqinisekisa ukuthi kunabadlali asebebatholile abazomenyezelwa ngokusemthethweni ekupheleni kwephezulu.
La badlali bazovala izikhala zalabo abadedelwa ekupheleni kwedlule okuyisitobha uVeluyeke Zungu, umdlali owasesiswini uGeorge Maluleka nabagadli u-Augustine Kwem noVictor Letsoalo.
Usuthu luzophinde lumemezele abaxhasi abasha kulandela ukuhlukana noSpar neGrindrod.