UKAPUTENI weLamontville Golden Arrows, uThabani Zuke, uthi njengoba sekuphele isikhathi eside bagcina ukunqoba, kungaba kuhle ukubuyisa isithunzi sabo ngokushaya i-Orlando Pirates.
La maqembu azotholana phezulu koweDStv Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku, ePrinces Magogo Stadium KwaMashu.
Womabili amaqembu azongena enkundleni ewalobizela amaphuzu amathathu, kwazise neZimnyama sekukudala zagcina ukunqoba.
Ngempelasonto edlule Abafana Bes’thende babambe ngo 1-1 neStellenbosch. Iqembu laseThekwini libuye umdlalo usuya kophela ngegoli elivalelwe phakathi wuye uZuke esikhathini sikanompempe.
Nasemdlalweni owandulele lona babethole iphuzu bethola umphumela ofanayo kwiCape Town City.
Bagcina ukunqoba maphakathi nenyanga edlule, beshaya iSwallows ngo-4-0.
EZimnyama sezigijime imidlalo emithathu yeligi zihluleka wukunqoba. Mine imidlalo zingawini, uma kuhlanganiswa nomdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weMTN 8, lapho ezibambane ngo 0-0 neMamelodi Sundowns. Inkinga yePirates kulezi zinsuku kubonakala kuwukuhluleka ukushaya amagoli. Leli qembu elithathwa njengelinye lamakhulu kuleli, lisakwazi ukubhakuzisa inethi izikhawu eziyisikhombisa kuphela kwiligi, emidlalweni ewu-11. Abafana Bes’thende banesibalo esingcono njengoba sebeshaye amagoli awu-12 emidlalweni eyishumi.
UZuke osebizelwe kathathu eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, uveze ukuthi ukuphela isikhathi eside benganqobi akubaphethe kahle, egcizelela ukuthi kuyaphoqa ukuthi banqobe kwiPirates.
"Nakuba yonke imidlalo siyithatha ngokulingana kodwa ngeke ngikuphike ukuthi ukushaya iqembu elifana nePirates, kungasibuyisa ngenye indlela isithunzi seqembu lethu. Nabalandeli bethu bangajabula kakhulu. Siyazi ukuthi lokhu kunganqobi kwethu akubaphethe neze kahle. Kuhle ngoba sizobe sidlalela ekhaya. Ngiyabacela ukuthi baphume ngobuningi ukuzoseseka," kubeka lesi sitobha esisayidlale yonke yeligi.
Kwi-log ezakhe zisendaweni yisishiyagalombili, ngamaphuzu awu-13 emidlalweni eyishumi.
Zisanqobe emithathu, zadlala ngokulingana kwemine zase zidliwa kwemithathu. IPirates ikweyesihlanu, ngamaphuzu awu-16, emidlalweni ewu-11.
Ebuzwa lo kaputeni ukuthi inkinga ibe kuphi bedlala ngokulingana neStellies neCity, uthe: "KoweStellenbosch sishaywe wukuthi bese kuphele isikhathi eside singadlali. Okunye wukuthi asiwasebenzisi amathuba ngendlela efanele. Okuhle wukuthi siyawakha. Nakuba singasitholanga isikhathi esanele sokulungiselela umdlalo wePirates kodwa sizimisele ngokunqoba kuwo.“
Ngesizini edlule kayikho eyavuma ukugoba uphondo kula maqembu kuyona yomibili imilenze.
I-Arrows yagcina ukushaya eZimnyama ngesizini ka-2020/21 isaqeqeshwa nguMandla Ncikazi oseyiphini lomqeqeshi kuyo iPirates.
Abafana B'sthende banqoba ngo-2-0, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
UZuke uthe isifiso sakhe kule sizini wukuphindeka kwesangesizini ka-2020/21 beqeda endaweni yesine.
"Uma sihluleka ukungena kwiTop 4 okungenani asiqede kwiTop 8. Ngifisa nokuthi okungenani kule sizini sinqobe iNedbank Cup. Ngithandazela nokuthi ekupheleni kwale sizini igama lami livele kweminye iminxa yamaPSL Awards. Ngifisa nokuthi ngiqhubeke nokubizelwa eqenjini lesizwe,“ kusho uZuke.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-5pm: Chippa United v Sekhukhune United (Chatsworth Stadium); Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven).
Ngo-7.30pm: Lamontville Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium).
Kusasa - Ngo-5pm: AmaZulu v Maritzburg United (Moses Mabhida Stadium).
Ngo-7.30pm: Kaizer Chiefs v TS Galaxy (FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (Loftus Versfeld); Richards Bay v Cape Town City (King Zwelithini Stadium); Swallows v Royal AM (Dobsonville Stadium).