UKAPUTENI weBafana Bafana, uRonwen Williams, usazizwa izinhlungu edolweni kulandela ukuhlinzwa kwakhe ngoMeyi, nonyaka, yize eseyidlale yonke eyeqembu lakhe elisha iMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership kusukela kuqale sizini.
UWilliams ohola ikhempu yeBafana eqhubekayo ngaphambi komdlalo wobungani neSierra Leone, ngoMgqibelo, uhlale phansi nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), lapho kuvele khona ukuthi udlala nezinhlungu.
Kusukela kuqale isizini yeDStv Premiership, izithenjwa zonozinti beSundowns, uDenis Onyango noKennedy Mweene, zilizwa ngendaba ijezi ngenxa kaWilliams.
Ngesikhathi lo nozinti eshiya kwiSuperSport United ayidlalele iminyaka engu-18, bekunongabazane ngekusasa lakhe kwiBafana kwazise ubeya eqenjini eliholwa u-Onyango ngempumelelo ongunozinti wokuqina.
Okuhlaluke enkulumeni kaWilliams esekhempini yeBafana, ukuthi ngisho izinhlungu esazizwa namanje kulandela ukuhlinzwa kwakhe ngasekuqaleni kukaMeyi, kodwa embangweni wejezi uzihambela yedwa.
“Ngisazizwa nanamuhla izinhlungu edolweni lami kulandela ukuhlinzwa kwalo futhi ngeke ngiphike ukuthi umsemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe kulona nsukuzonke,” kusho uWilliams kuleli thimba.
“Sekuphele izinyanga ezimbalwa ngihlinziwe okulandelwe ukuthi ngibuyele enkundleni ngokushesha kwazise bengidingeka eqenjini lesizwe emdlalweni wethu neMorroco obumqoka.
“Kusizile nokho ukuthi okuningi kwenzeke ngesikhathi isizini ivalile yize nakhona lapho bekumele ngishiye kwiSuperSport ngiye kwiSundowns.
“Angizange ngibenaso isikhathi esanele sokulungiselela ukuqala kwesizini ngakho-ke ngingasho ukuthi kuke kwaba nzima.
“Ngizizwa ngiya ngokuya ngibangcono ngoba odokotela ngabe iseqenjini (Sundowns) noma kwiBafana, bayalibheka nsukuzonke ukuthi liphola kahle idolo ngoba bayalazi,” kusho lo mdlali.
Kumchazile uWilliams, ukubuyiswa kukazakwabo uThemba Zwane, ekhempini ngoba ubona kuzomehlisela umsebenzi wokubamba ngesandla abadlali abasha.
“Ngiyabajabulela abadlali abasha abazosebenzela eduze noZwane ngoba kuyisibusiso lokho. Ngidlala naye kwiSundowns kodwa kwiBafana sisuka kude naye ngakho-ke ukubuyiswa kwakhe ngikujabulela kakhulu ngoba kuzoba nomvuzo kubadlali abasha nakwiBafana yonkana.”
Ngemuva kokubhekana neSierra Leone, iBafana izobuye ingcweke neBotswana ngo-Septhemba 27, khona eFNB Stadium ngo-3 ntambama.