UNOZINTI weBafana Bafana, uRonwen Williams, uphonsele inselelo abadlali okuchitshiyelwe ngabo wathi ababhukule basebenzele impumelelo yeqembu.
IBafana izokwamukela iGhana emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ozoba seFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-6 ntambama.
Elakuleli libambene neGhana eqhulwini kuGroup C ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwemidlalo emine. Umdlalo wokugcina wokuhlunga iBafana izowudlala neSudan ekuhambeni ngeSonto. Amalungiselelo eBafana aphazanyiswe ukungaphumeleli kwabanye abadlali abadlala phesheya kwezilwandle abanqatshelwe ukuza eMzansi ngamaqembu abo ngenxa yokudlanga kweCovid-19.
Laba badlali nguKeagan Dolly, Bongani Zungu, Dean Furman noThulani Serero. Izindawo zabo zivalwe ngoVincent Pule, Thabang Monare, Lebo Maboe, Mothobi Mvala, Thabo Nodada noThabiso Kutumela.
Ukuthola amaphuzu amathathu kweBafana kungandisa amathuba okungena kwi-Afcon.
"Siphoxekile ngokuthi abanye abadlali abafikanga esiluqale nabo lolu hambo. Kodwa abadlali abafakiwe kufanele babhukule ngempela. Ngeke kube lula ngoba sincane isikhathi esinaso ngaphambi kosuku lomdlalo. Kodwa kade aqala amalungiselelo omdlalo. Ithimba labaqeqeshi kade laqala ukusithumelela ulwazi ngeGhana. Ngakho siyalazi iqhinga esizolisebenzisa nokuthi iGhana idlala kanjani. Kusezandleni zethu singabadlali ukuthi sisize abasha bazinze, bafunde indlela esihlele ukudlala ngayo," kusho uWilliams.
"Siyakwazi ukubaluleka komdlalo. Umqeqeshi (Molefi Ntseki) wasibuza ukuthi yini esifuna ukuyizuza, samtshela ukuthi sifuna ukuhlala phezulu eqoqweni. Yileyo inselelo esiyibeke emahlombe ethu. Okwamanje kubukeka kuthembisa. Okunye esakusho wukuthi sifuna ukuwina yonke imidlalo yasekhaya. Nalokho kusahamba kahle ngoba sisayiwine yomibili. Sifuna ukuqhubeka nalowo mgqigqo."
Emdlalweni wokuqala wamaqoqo iBafana yashaywa yiGhana ngo 2-0 ekuhambeni.
Ukunqatshelwa kwabadlali ngamaqembu aphesheya kuyithintile neGhana esizodlala ngaphandle kwezethenjwa okuyizelamani u-Andre noJordan Ayew ezidlala e-England. Abanye abanqatsheliwe yinjini uThomas Partey owashaya igoli kowasekhaya neBafana, Nicholas Opoku no-Emmanuel Lomotey odlala eFrance. Umqeqeshi uCharles Akonnoro usebamemezele abadlali azochibiyela ngabo.
"Sifuna lingaphuki irekhodi lethu lasekhaya. Uma singathola lokho, sizobe sesingene ngonyawo kwi-Afcon. Ngiphoxekile ngokuthi abanye abadlali abafikanga kodwa sizobanqobela. Sinethemba lokuthi le Covid-19 izodlula, sihlangane futhi siyiqembu," kusho uWilliams.
Amaqembu amabili azoqeda elandelana phezulu eqoqweni azongena kwi-Afcon. Eqoqweni leBafana uGroup C indawo yesithathu ibanjwe yiSudan ngamaphuzu ayisithupha. Namuhla izodlala neSao Tome and Principe esemsileni njengoba ingakatholi maphuzu emidlalweni emine.